Iseluleko sokonga kwabadlala izitokofela
KUDONSWE ngendlebe abadlala izitokofela ukuba bangayikhiphi imali ngoDisemba kodwa bayilondoloze ngezinye izindlela ezizobakhela umcebo.
UNkk Palesa Lengolo ongungoti wezitokofela, utshele abantu ukuthi izotokofela zino-R49 billion eziwulondoloza minyaka yonke.
“Esikubonayo wukuthi izitokofela ezazidlalwa wogogo nomama bethu nathi siyaqhubeka nokuzidlala ngoba ziyindlela ephephile yokulondoloza imali. Umama wayenesitokofela sokudla, esomngcwabo, esokuthenga umfaniswano wesikole nezinye. Ngikhule ngazo. Yingakho ngifuna abantu balondoloze imali ngendlela ezobakhela umcebo,” kusho uNkk Lengolo.
Amazwi akhe ananelwe wuMnuz Desmond Osman oyisikhulu kwaNedbank, oveze ukuthi wayevuka ngo-6 ekuseni ayofakela ugogo wakhe imali yezitokofela ezihlukene kwaG eMlaza.
“Izitokofela yindlela yokonga ethandwa ngabaningi. Yingakho size ne-akhawunti ezosiza izitokofela ngakho konke ezikudingayo. Bangu-11 million abantu bakuleli abazidlalayo. Sithole ukuthi kukhona abadlala izitokofela zokuvakasha, ezokudla nezemali,” kusho u-Osman.
Uthe bafuna abantu bonge noma sekuphele izinyanga ezingu-12 kwazise abanye bahlukanisa imali bayidle kuthi uma kuqala unyaka nabo baqale phansi ukonga.
UNkk Lengolo uthe abadlala izitokofela kufanele bathenge amasheya ezinkampanini ezinkulu ngohlelo lweExchange Traded Fund (ETFs).
“Siyakwazi ukuxhumanisa amalungu ezitokofela nama-broker azowasiza ukuthenga amasheya nokuthi alondoloze imali yawo ngenye indlela,” kusho uNkk Lengolo.
Uthe amalungu estokofela kufanele abe nenhloso yokonga ukuze azi ukuthi kufanele ayitshale kanjani imali.