Kuhehwa abatshalimali kuMasipala iBig 5 Hlabisa
KUHEHWE abatshalimali ukuthi batshale imali ezimayini zamalahle nokusansimbi ezizoqala ukusebenza maduze. Lesi sicelo sivele ngesikhathi kunomhlangano wokukhuluma ngezithinta umnotho nokuthuthukiswa kwendawo engaphansi kukaMasipala iBig 5 Hlabisa obuseHluhluwe, ngoLwesihlanu.
Kulo mhlangano kukhulunywe ngokuthuthukiswa kwezindawo zokulala nokugcinwa kuyo ezemvelo.
Kuphinde kwavela ukuthi kunohlelo lokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo kusetshenziswa amakhonteyna, elokwakha amachibi namachweba okuzofuywa kuwo izinhlanzi.
Umkhakha wezolimo awusalanga njengoba kuvele ukuthi ubisi, amasi nenyama kuzokwenziwa efemini ezokuba seduze nenxanxathela yezitolo kwaHlabisa.
Kulo mhlangano kaMasipala iBig 5 Hlabisa kunxenxwe nabamabhange ukuthi babuye bazozinza kule ndawo. Phambilini kuke kwavela ukuthi abantu basendaweni bafaka imali encane emabhange baphinde bakhiphe imali encane kuma-ATM nobekugcina kulimaza amabhange angakwazi ukwenza inzuzo. Umphakathi uhamba amabanga amade ukuze uyosizakala eMtubatuba, abanye baze baye eMpangeni uma befuna usizo lwemali emabhange. EHluhluwe nakwaHlabisa azikho izinxanxathela zezitolo, ukwakhiwa kwezitolo kule ndawo kuzodala amathuba omsebenzi.
Njengoba sekuzoqalwa lo mbidlango wokwakhiwa kwesizinda somnotho umphakathi nosomabhizinisi abancane banikezwe amafomu okufanele bawagcwalise basho ukuthi yimuphi umkhakha wamabhizinisi abafuna ukungena kuwo. Bazosizwa ngamabhange mahhala ukwenza uhlaka lokusungula amabhizinisi badlulele emkhakheni wenhlolokhono uma bephumelela lapho bazobe sebeyaxhaswa.
IMeya yalo Masipala, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ithe indawo yobukhosi bakwaMdletshe kutholwe ukuthi icebe ngamalahle nangensimbi sekusele ukuthi kuphothulwe uhlelo lwamalungelo okusetshenziswa komhlaba.
“Ngasemkhakheni wokusiza osomabhizinisi abancane sesisesigabeni sokuthi bafake izicelo bahlungwe ngoba ngeke basizakale bonke ngoba baningi. Bona bazothola ithuba elihle lokuzisebenza enxanxatheleni yezitolo ezobe yakhiwe ngezinga eliphezulu ngeziqukathi. Lokhu sakubona kwelinye lamadolobha eGoli elibizwa nge-town in the box lapho kuhlomula khona kakhulu osomabhizinisi abancane,” kusho uHlabisa.