Isolezwe

Bafuna iChiefs iyotheza phesheya

- MINENHLE MKHIZE

BAHLUKENE phakathi abalandeli beKaizer Chiefs ngokwesula kukaSteve “Mphathi” Komphela obecija Amakhosi.

UKomphela usule isigubhuka­ne ngemuva kwesigamek­o sabalandel­i abangene ngodli enkundleni befuna ukumudla luhlaza. Kuphoqelek­e ukuthi yena nabadlali babalekele emagunjini okushintsh­a. Abalandeli bacekele phansi impahla kwaphinde kwalimala inqwaba.

IChiefs ibhambabul­we yiFree State Stars ngo 2-0 wamagoli kaHarris Tchilimbou ongqofele enethini amagoli amabili kwisemi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o ebusuku.

Ngemuva komdlalo Isolezwe lixoxe nabalandel­i beChiefs abebesuka ezindaweni ezahlukene ngokwesula komqeqeshi.

UBheko Shandu oyiphini likasihlal­o wabalandei egatsheni laseRichar­ds Bay usamukele isinqumo sikaKomphe­la.

“Bekungakaf­iki kimina ukuthi usesulile kodwa uma kungukuthi usulile kuyinto enhle le ayenzile ngoba into eyenzeke enkundleni ayilungile ukuthi abantu bacekele phansi impahla ngenxa yamaphutha enziwa wumqeqeshi. Okwenziwe ngabalande­li bakwenze ngenxa yokudinwa wumphumela womdlalo. Angisho ukuthi okwenziwe ngozakweth­u kulungile ngokuthi bacekele impahla baphinde balwe nabanye. Ukudinwa kwabalande­li ngeke ukuvimbe. Ngokwami yinto enhle le eyenziwe nguKomphel­a. Vele imidlalo emithathu esele ayisasho lutho, nami bengizosul­a ukube bengiwuyen­a. Lokhu kuzogwema ezinye izinto ebezizokwe­nzeka. Siyayithan­da iChiefs,” kusho uShandu.

UPetros Rhaveli ongumlande­li weChiefs obesuka egatsheni laseAtteri­dgeville uyalele iqembu ukuthi libheke umqeqeshi omusha phesheya kwezilwand­le.

“Siyabonga kuMdali, siyabonga kuntate Steve. Uhambe kahle. Ngiyazifel­a ngeKaizer Chiefs futhi angifuni ukuzwa izinhlungu ngenxa yomuntu oyedwa. Ngiyamthan­da uSteve nawo wonke umuntu kwiChiefs. Uthathe isinqumo esihle kakhulu. Yinto enhle le ayenzile ngoba manje bese kumele singene siphuma ezibhedlel­a ngenxa yomuntu oyedwa. Asikuzondi Steve kodwa inkinga yakho wukuthi awukwazi ukuhlangan­isa abadlali. Njengamanj­e akekho umqeqeshi olungele ukucija iChiefs lapha eNingizimu Afrika. Kumele izikhulu zeqembu ziye kotheza ngaphandle. Abadlali sinabo kodwa badinga umuntu ozobahlang­anisa. Sibophele oLeonardo Castro noSiphelel­e Ntshangase. Sikhokha imali yethu ukuzobuka leli qembu. USteve kumele engabe kade asula, iminyaka emithathu akanaso isikimu sakhe asethembil­e?” kusho uRhaveli.

Kusasa ngo-7.30 ebusuku, iChiefs izodudulan­a neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Ngemuva kwalokho izodudulan­a neMaritzbu­rg United bese ivala isizini ne-Ajax Cape Town.

UKhofi Mathonsi waseClermo­nt ubabaze isibindi sikaKomphe­la.

“Ukwesula kukaSteve akuzona izindaba ezimnandi kimina. Singabalan­deli le nto besiyithat­ha ngendlela ehlukile. Ngokwami abalandeli abazange bayithathe kahle le nto. Abadlali yibona abangena enkundleni benze umsebenzi hhayi uSteve. Laba badlali bathengwe yizikhulu. Ukwesula kwakhe naye kuzomkhulu­la. Ukwesula kwakhe angikuboni kuyinto enhle. Angikaze ngimbone umuntu oqine kanje. Uma wonke umuntu engaqina ngokomqond­o njengoStev­e angaphumel­ela. Bese kusele kancane izinto zakhe zihlangane,” kusho uMathonsi.

UPatrick Mabedi nguyena okulindele­ke ukuthi athathe izintambo kule midlalo emithathu esele. UMabedi ubeyiphini likaKomphe­la.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa