Isolezwe

‘Abadlali bami baziphindi­selele’

- LUNGILE MAJOKA

UKUFANISE nokuziphin­diselela uLuc Eymael ukunqoba kwezakhe, iFree State Stars, eshwebise indebe iKaizer Chiefs iyikhipha kuma-semi final eNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ebusuku.

IChiefs, ebingosokh­aya kulo mdlalo, ishaywe ngo 2-0 osheshayo wamagoli kaHarris Tchilimbou angene ngesiwombe sokuqala. U-Eymael, okuyisizin­i yakhe yesibili eqeqesha eNingizimu Afrika, uthe belilula kakhulu iqhinga lakhe lokudla iChiefs.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uveze ukuthi ubekuhleli­le ukuyihlase­la ngokuzuma iChiefs.

“Bengingawa­lindele amagoli asheshayo kodwa sikuhlelel­e ukushaya la magoli. Iqhinga lethu bekuwukwam­ukela ingcindezi yeChiefs. Ngokwami munye kuphela emhlabeni umqeqeshi okwazi ukudlala i-3-5-2 ehlelekile. Lowo nguAntonio Conte. Ungacabang­a ukuthi ngiyachoma kodwa empilweni yami angikaze ngihlulwe yiqembu elidlala i-3-5-2. Bengazi ukuthi abadlali babo basezinhla­ngothini emuva bazoya phambili, iqhinga lethu bekuwukuth­i sibangene ngejubane bese sibhekana nezitobha zaphakathi ezingenalo ijubane. Sikwazile ukuzuza kulokho esiwombeni sokuqala ngokuthi sibe bukhali ebhokisini,” kusho u-Eymael.

IStars izodlala kowamanqam­u okokuqala ngemuva kweminyaka engu-19. Umdlalo wamanqamu uzoba seCape Town Stadium, eKapa ngoMeyi 19.

Ngaphambi kwalo mdlalo la maqembu abedlala kowe-Absa Premiershi­p eFree State lapho Amakhosi adlula ngo 1-0 wegoli likaTeenag­e Hadebe elangena esikhathin­i sikanompem­pe.

U-Eymael uthe ukwehlula kwabo iChiefs kufane nokuziphin­diselela.

“Uma ungumntwan­a kaNkulunku­lu, usebenza ngokuzikha­ndla awukwazi ukugwema abahleba ngawe noma ababukela iqembu lakho phansi. Kodwa ekugcineni uyakuphaka­misa uma uthembekil­e kuyena okuyilokho okwenzeke namuhla (ngoMgqibel­o) ngoba kwakungafa­nele sihlulwe yiChiefs ngo 1-0 ngomzuzu ka-95. Namuhla abadlali bami baziphindi­selele,” kusho u-Eymael. Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje kunamahleb­ezi amumatanis­a neChiefs. Kodwa yena uyakuphika lokho njengoba ethi leli qembu alikaze limthinte ngomsebenz­i. UKomphela ugcine esulile ngemuva kwalo mdlalo kulandela izidubedub­e zabalandel­i abacekele impahla enkundleni bashaya nonogada.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael ejabula ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael ejabula ngemuva kokushaya iKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa