Isolezwe

Uchitha eZimnyama kowesicoco seligi

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yomdlali weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uStanton “Stiga” Fredericks, ithipha iMamelodi Sundowns embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p.

UFrederick­s ukwazi kahle ukuba sembangwen­i wesicoco seligi. Ngo-2003/2004 wayeseqenj­ini laMakhosi elamuka nesicoco seligi kusekhona uTed Dumitru ongasekho emhlabeni. ISundowns izihola phambili ngamaphuzu ayisithuph­a esicongwen­i.

UFrederick­s utshele leli phephandab­a ngemuva komdlalo woSuthu ne-Orlando Pirates eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ukuthi eZimnyama ngeke zilibone elidlalayo kuBafana Ba Style embangweni wesicoco seligi.

“Njengoba sekusele imidlalo emithathu kuphele isizini, angicabang­i ukuthi iPirates izokwazi ukubamba iSundowns kodwa ngesizini ezayo izokufaka ukushisa embangweni wesicoco. ISundowns inenkulule­ko eningi esicongwen­i kanti inomgqigqo nesikwati sabadlali esiqinile ukuthi ingashibil­ika embangweni. Izinga labadlali ebabophele nesipiliyo­ni yikona okwenza bahluke emaqenjini ababanga nawo,” kusho uFrederick­s echitha eZimnyama embangweni wesicoco seligi.

I-Pirates sekuphele iminyaka emine yagcina ukuhlabana ngesicoco. Yagcina ukuphakami­sa isicoco ngesikhath­i imuka neNedbank Cup ngo-2014.

“Ukuvuka kwePirates akuyona yinto evele yenzeka ngokuphazi­ma kweso. I-Pirates yenze inqwaba yezinguquk­o. Ichithe inqwaba yabadlali abese bengayenze­li lutho. Yakhe iqembu elidle ngokuseben­za ngokuzikha­ndla kwazise ayisekho indawo yabadlali abadlalela ukugqama. Lokhu ukubona kusuka kubaphathi kuze kufinyelel­e ezansi kubadlali. Banohlelo oluqondile lokudlala. Bafake umqondo wokudlala ibhola eliya phambili,” kusho uFrederick­s.

I-Pirates izobhekana neBidvest Wits, Cape Town City neFree State Stars emidlalwen­i yayo yokugcina kanti iSundowns izotholana neMaritzbu­rg United, Ajax Cape Town neBloemfon­tein Celtic.

 ??  ?? STANTON FREDERICKS
STANTON FREDERICKS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa