Isolezwe

UNgobeni weseka uKhuzwayo ngokushiya iChiefs

- ZAKHELE XABA

UNOZINTI weFree State Stars, uThela Ngobeni, uyaseseka isinqumo sikaBrilli­ant Khuzwayo, osekuqinis­ekisiwe ukuthi uyashiya eNaturena ekupheleni kwesizini ka-2017/2018, sokushiya iKaizer Chiefs.

UNgobeni ngomunye wonozinti abagcine beshiyile kwiChiefs eminyakeni edlule ngenxa yokukhonya kuka-Itumeleng Khune ezintini zaMakhosi. Ufudukele kwiMamelod­i Sundowns lapho efike wabhekana nesimo esifanayo kuDenis Onyango waseKenya. UNgobeni ubolekiswe kwi-Ea Lla Koto yiSundowns.Uqokwe njengomdla­li ovelele ngesikhath­i iStars ikhipha iChiefs kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ebusuku.

Kube nzima kuKhuzwayo ukuthola ijezi kuKhune selokhu afika eNaturena. Uhluleke noma esecela ukuthi bashintsha­ne noKhune, omunye avimbe emidlalwen­i yomkhumula­jezi omunye avimbe kweyeligi. Ulandela uReyaad Pieterse ojokole kumasizini amabili adlule ekhala ngokungadl­aliswa, wajoyina iSuperSpor­t United.

“Ngeke ngazi ukuthi ufunani, yisinqumo sakhe.Uyazazi ukuthi ufunani njengomdla­li webhola. Uma ebona ukuthi kufanele ahambe leso yisinqumo sakhe. Kodwa engikwaziy­o ngathi badlali bebhola wukuthi sifuna ukudlala. Ulitholile ithuba phambilini kodwa ngebhadi ngeke sidlale sonke ikakhuluka­zi thina bonozinti. Uthola ukuthi kwamanye amaqembu ababashint­shanisi onozinti, kuvimba oyedwa emidlalwen­i yomkhumula­jezi neyeligi. Kuyishwa. Uma enquma ukushiya iKaizer Chiefs ngimfisela okuhle,”kusho uNgobeni.

Umqeqeshi weStars, uLuc Eymael, uthathe isinqumo sokuvimbis­a uNgobeni kweyomkhum­ulajezi. KweyeAbsa Premiershi­p kuvimba u-Ali Sangare wase-Ivory Coast. Lokhu kwenza uNgobeni abe nesiqinise­ko sokuthi uyena ozoba sezintini zeStars kowamanqam­u weNedbank Cup ezoba seKapa.

UNgobeni uvumile ukuthi kuyiphazam­isile inqubekela phambili yakhe ukubanga ijezi nonizinti abaphambil­i. Baningi eMzansi onozinti abahlale ebhentshin­i, bagcina bengagqama­nga ebholeni. Kulaba onozinti kukhona uLucky Shiburi ohlale ebhentshin­i le-Orlando Pirates iminyaka no-Aubrey Mathibe owadlala kwiChiefs, Moroka Swallows nakuMaZulu.

“Bengihlala ngibanga ijezi nonozinti bamaqembu esizwe. Bekunzima. Ngicabanga ukuthi yilokho okungibuyi­sele emuva. Kodwa inselelo kube wukuthi ngikhule njengonozi­nti ngoba uma usebenza nonozinti abaphambil­i uthatha ezinye zezinto abazenzayo ezenza baqhakaze.Kubenzima kakhulu kimina kodwa ngeke ngibheke emuva ngizigxeke,” kusho uNgobeni.

“La maqembu angisayini­sile abone ikhono kimina. U-Itu ubenza kahle kakhulu, ngaya kwiSundown­s ngaficana noWayne Sandilands, kwafika uKennedy (Mweene), uDenis wayithatha indawo. Kodwa bengilokhu ngizama ukufunda ezintweni abazenzayo. Nginethemb­a ukuthi izinto zizoshints­ha nami ngizolitho­la ithuba lami.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa