IChiefs izibekisele indawo ibhudluza iBucs
IKAIZER Chiefs izibekisele indawo kwiMultichoice Diski Shield ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo 6-3, eVooslorus Stadium, izolo ntambama.
Lo mdlalo ushintshe kungu 3-1 kuwina iChiefs okwenze kwacaca ukuthi iPirates ngeke ikwazi ukudlulela phambili kulo mqhudelwano osanda kusungulwa. Ukuwina kweChifes kuyibeke ethubeni elihle lokwemuka nendebe njengoba isizodlala kuma-semifnal alo mqhudelano. Emaqoqweni amane bekudlula iqembu elilodwa ngemuva kokudlala imidlalo emithathu, kanti iChiefs iyiwine yonke eqoqweni layo.
Kucishe konakala kwiLamontville Golden Arrrows, inqoba ngo 3-2 kuMaZulu okwenze yadlulela kuma semi final. Abafana Bes’thende bekumele bawine lo mdlalo ukuze badlulele phambili.
I-Bloemfontein Celtic neMamelodi Sundowns yibona ababe abokuqala ukuzibekisela indawo kweyandulela eyamanqamu yalo mqhudelwano ngokukhahlelela ngaphandle iFree State Stars neSuperSport United ngokwehlukana. Konke lokhu kwenzeke enkundleni efanayo kodwa ngoMgqibelo.
Kuyisizile nokho iCeltic ukuthi isebenzise abadlali abadume eqenjini elikhulu njengoNeo Maema noTshegofatso Mabaso kwazise babuye kunzima banqoba kufanele. Indaba iqale ngokuthi uMoeketsi Makhanya abeke iFree State phambili kwaba sengathi bayacasuka laba badlali ababili beCeltic (Maema noMabaso). Bobabili basize iCeltic yathola amagoli amabili esiwombeni sesibili. Kube yiwona lawo magoli abekisele iPhunya Selesele indawo kuma-semi final.
NakoweDowns neSuperSport iqembu elinqobile like lalandela ngemuva. Umdlalo uthe ufika emizuzwini engu-15 yokuqala, iSundowns ibisilandela ngemuva ngo 2-0. La magoli aMatsatsantsa ashaywe nguDylan Stoffels noSidney Mtshweni.
Akazange ayithande yonke leyo nto ebeyenzeka uPromise Mkhuma. Kuqale ngobuchule bakhe namaqhinga awaphethe ngokomjiko zaqala zahlala obala izinkinga emuva. Kuwiswe yena kwavela iphenathi sisanda kuqala isiwombe sesibili wayibeka enethini uKeabetswe Mokwena. Akazange agcine lapho uMokwena ngoba uyena futhi oshaye igoli lesibili leSundowns obese kungelokulinganisa. Kube ubuqhawe bukaSiphesihle Mkhize obesuka ebhentshini obubhukele iSundowns indawo kwi-semi final ngegoli alingqofele enethini kukade kuyikhona.