‘Abadlali bami baziphindiselele’
UKUFANISE nokuziphindiselela uLuc Eymael ukunqoba kwezakhe, iFree State Stars, eshwebise indebe iKaizer Chiefs iyikhipha kuma-semi final eNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
IChiefs, ebingosokhaya kulo mdlalo, ishaywe ngo 2-0 osheshayo wamagoli kaHarris Tchilimbou angene ngesiwombe sokuqala. U-Eymael, okuyisizini yakhe yesibili eqeqesha eNingizimu Afrika, uthe belilula kakhulu iqhinga lakhe lokudla iChiefs.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uveze ukuthi ubekuhlelile ukuyihlasela ngokuzuma iChiefs.
“Bengingawalindele amagoli asheshayo kodwa sikuhlelele ukushaya la magoli. Iqhinga lethu bekuwukwamukela ingcindezi yeChiefs. Ngokwami munye kuphela emhlabeni umqeqeshi okwazi ukudlala i-3-5-2 ehlelekile. Lowo nguAntonio Conte. Ungacabanga ukuthi ngiyachoma kodwa empilweni yami angikaze ngihlulwe yiqembu elidlala i-3-5-2. Bengazi ukuthi abadlali babo basezinhlangothini emuva bazoya phambili, iqhinga lethu bekuwukuthi sibangene ngejubane bese sibhekana nezitobha zaphakathi ezingenalo ijubane. Sikwazile ukuzuza kulokho esiwombeni sokuqala ngokuthi sibe bukhali ebhokisini,” kusho u-Eymael.
IStars izodlala kowamanqamu okokuqala ngemuva kweminyaka engu-19. Umdlalo wamanqamu uzoba seCape Town Stadium, eKapa ngoMeyi 19.
Ngaphambi kwalo mdlalo la maqembu abedlala kowe-Absa Premiership eFree State lapho Amakhosi adlula ngo 1-0 wegoli likaTeenage Hadebe elangena esikhathini sikanompempe.
U-Eymael uthe ukwehlula kwabo iChiefs kufane nokuziphindiselela.
“Uma ungumntwana kaNkulunkulu, usebenza ngokuzikhandla awukwazi ukugwema abahleba ngawe noma ababukela iqembu lakho phansi. Kodwa ekugcineni uyakuphakamisa uma uthembekile kuyena okuyilokho okwenzeke namuhla (ngoMgqibelo) ngoba kwakungafanele sihlulwe yiChiefs ngo 1-0 ngomzuzu ka-95. Namuhla abadlali bami baziphindiselele,” kusho u-Eymael. Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje kunamahlebezi amumatanisa neChiefs. Kodwa yena uyakuphika lokho njengoba ethi leli qembu alikaze limthinte ngomsebenzi. UKomphela ugcine esulile ngemuva kwalo mdlalo kulandela izidubedube zabalandeli abacekele impahla enkundleni bashaya nonogada.