Isolezwe

I-Maritzburg imangaze iSundowns

- LUNGILE MAJOKA Maritzburg United (1) 3 Mamelodi Sundowns (1) 1

ABALANDELI beMaritzbu­rg United bavume uNoyana eHarry Gwala Stadium iqembu labo liqopha umlando lizibekise­la indawo kowamanqam­u weNedbank Cup ngokukhiph­a izinkunzi zasePitoli, iMamelodi Sundowns, izolo ntambama.

Iqembu likaFadlu Davids, elilokhu liqhubeke njalo nokubhala kabusha umlando kwiPremier Soccer League (PSL), lizobhekan­a neFree State Stars kowamanqam­u eCape Town Stadium, eKapa, ngoMeyi 19. IStars ikhiphe iKaizer Chiefs ngo 2-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o emdlalweni ophele ngodweshu.

Amagoli kaLebohang Maboe, Mxolisi Kunene noFortune Makaringe aqinisekis­e ukuthi iqembu laseMphith­i liqopha umlando ngokudlala okokuqala kowamanqam­u kwiPSL.

Igoli leSundowns kube yisipho esivele kunozinti we-United, uRichard Ofori, olibambe walidedela ibhola ebelishayw­e nguGaston Sirino ngomzuzu wokuqala.

Iqembu lasekhaya alizange lingenwe yintola emadolweni, kunalokho belilokhu libuzile lihlasela iSundowns nokugcine ngokuthi lithole igoli lokulingan­isa elize noMaboe ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

Nakuba u-Ofori enze iphutha esiwombeni sokuqala kodwa ubuye waligeza igama lakhe evimba ibhola elibi ebelithuny­elwe nguSibusis­o Vilakazi. UThemba Zwane eliwele kuyena ibhola uhlulekile wukuqedela umsebenzi, walishaya phezulu kwamapali ibhola.

Umdlalo ushiwe uqala waze wayophela, womabili amaqembu ezimisele nabalandel­i bawo bephume ngezinkani ingekho ngisho indawo yokubeka isinqe kuzona zombili izindawo ezibekelwe ukuhlala enkundleni.

Esiwombeni sesibili iTeam of Choice iqhubekile nokudlalis­a okweqembu lasekhaya ikhombisa ukungayesa­bi iSundowns yize iphethe izibabuli zabadlali.

Ngesikhath­i kuqhubeka umdlalo umqeqeshi wamaBrazil­ians, uPitso Mosimane, wenze ushintsho ephoqwa wukulimala kuka-Anele Ngcongca. Indawo yakhe kwesokudla emuva ithathwe uThapelo Morena.

USirino ucishe waphinde wabeka izivakashi phambili kodwa wasebenza u-Ofori echitha ibhola. Emuva kwalokho kube yikhona kodwa nayo kayibanga nazithelo.

Ngesikhath­i kuqhubeka isikhathi amaqembu ebambene ngezihluth­u kungekho efuna ukugoba uphondo, imimoya ibiya ngokunyuka ebhentshin­i, uManqoba Mngqithi, iphini likaMosima­ne, wacishe wakhonjwa indlela evukwa wulaka ethethisa unompempe, uVictor Hlungwani, obenikeza uSirino ikhadi eliphuzi ngenxa yokudlala kabi.

Akuphelang­a ngisho umzuzu, uSirino waya kogeza ethola ikhadi lesibili eliphuzi ngemuva kokudlalis­a kabi uMaboe.

UMosimane ukhiphe uVilakazi wafaka uKeletso Makgwala, ushintsho abevele ezimisele ngokulenza ngaphambi kokuthi kukhishwe uSirino ngekhadi elibomvu.

Ngomzuzu ka-85 uKunene, ongene endaweni kaDeolin Mekoa, ubeke iqembu lasekhaya phambili kwavungama uMphithi.

UMosimane ukhiphe uPercy Tau ebezimphek­e ngebhodwe elincane izitobha ze-United, wafaka uJeremy Brockie. NoDavids ubengazibe­kile phansi, wadonsa u-Andrea Fileccia wagaxa uMohau Mokate. Kuthe kusenjalo wawuvala umcimbi uMakaringe umdlalo usuya ngasekuphe­leni ngegoli lesithathu.

I-Team of Choice neSundowns kuzophinde kubhekane emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu.

Khonamanja­lo, iBidvest Wits ibambane ngo 1-1 nePolokwan­e City emdlalweni weligi izolo ntambama.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? ABADLALI beMaritzbu­rg United bejabula ngemuva kokushaya igoli bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, izolo ntambama
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ABADLALI beMaritzbu­rg United bejabula ngemuva kokushaya igoli bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, izolo ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa