OweKings ulahle ithemba ngamaPlay-Off
UZWAKALE esephelelwe yithemba ngokudlala kumaPlayOff umqeqeshi weReal Kings uSimo Dladla ngesikhathi ezakhe zilahla amaphuzu zidlala ngokulingana ngo 1-1 ne-University of Pretoria emdlalweni weNational First Division (NFD) eKing Zwelithini Stadium Stadium, eMlaza.
I-Kings bekungokwesine idlala ngokulingana imidlalo ilandelana. Idlale ngokulingana ngo 0-0 noBuntu Cape Town, yabambana ngo 1-1 neTshakhuma. I-Kings ike yadlala ngokulingana ngo 0-0 neMbombela United.
IKings isihlukaniswe amaphuzu amahlanu neBlack Leopards eyibambe endaweni yesibili. Leli qembu lisele ngamaphuzu amane kwiJomo Cosmos elele endaweni yesithathu kwi-log.
Ngokwezibalo iKings ayikaphumi kodwa abukeka esemancane amathuba okuthi ingangena kuma-Play Off.
UDladla exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo uzwakale esephelelwa yithemba yize engalibekanga ngembaba.
“Bathi kukona konke kumele uhlale unalo ithemba nezinhloso ezinhle kodwa ukulindele ukuphoxeka. Mhlawumbe manje kumele silungiselele leso simo. Sizamile ngeqembu elincane ukwenza izinto zenzeke. Kubukeka kungenzeki kahle. Sibukeka silahlekelwe ngumgqigqo wokuqedela umsebenzi. Sivale kahle futhi namathuba siyawakha. Yindlela esiyeka ngayo amathuba esisibeke lapho esikhona,” kusho uDladla.
Emidlalweni emibili yokugcina iKings izodudulana noMthatha Bucks bese ivala ekhaya neCape Town All Stars.
“Ngiqale ngabadlali ababili ngoba besifuna ukufaka ingcindezi kumaTuks kodwa kwala. Ngesizini ezayo kumele sibuye siyiqembu eliqinile. Enye inkinga esishayile wukuthi amaqembu amakhulu akwiPremier Soccer League afike anunusela abadlali bethu ngemali. Lokhu bekuholela ekutheni abanye bacabange ngezicelo abazinikwa yila maqembu. Abadlali abanjengoNkosingiphile Phewa bafunwa akwiPSL, umqondo awusekho lapha,” kusho uDladla.