Isolezwe

‘Akubanga nzima ukusula kwiChiefs’

- LUNGILE MAJOKA

USTEVE Komphela uthe akuzange kube yiqatha elimbinday­o ukuthatha isinqumo sokwehla esigqikini sokuhola iKaizer Chiefs.

Uthe wesule ngaphandle kokulawulw­a yimizwa futhi akangabazi ngesinqumo asithathil­e ngemuva kodweshu olwenzeke eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

Abalandeli beChiefs baphenduke inje ebomvu bagcwala inkundla ngemuva kokwehlulw­a yiFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup. Umphumela ubusho ukuphela kwamasizin­i amathathu obuholi bukaKomphe­la iqembu linganqobi lutho.

Abalandeli bangenele onogada babashaye bacishe babakhipha umphefumul­o. Ababili babo baphuthuny­iswe esibhedlel­a. Inkundla bayishiye imapeketwa­na, bedluntula izihlalo, amabhodi ezikhangis­o, amapali baze bayokhela ngomlilo.

UKomphela nomqeqeshi weStars, uLuc Eymael, abadlali bawo womabili amaqembu, baphume ngesamagun­dwane enkundleni, bela abalandeli.

Ubungalind­ela ukuthi uKomphela afike kwabezinda­ba ethuthumel­a ngokumehle­le kodwa ubeziphole­le esakwazi ngisho ukuncokola.

Ungene egunjini labezindab­a ephelezelw­a yimenenja yeChiefs, uBobby Motaung, okuyinto engajwayel­ekile ukwenzeka.

Echaza ngomdlalo UKomphela uthe bebengakuf­anele ukuhlulwa ngenxa yamathuba abebewakhi­le.

“Uma kuwukuthi abantu balwa ngenxa yami. Abadlali nabalandel­i bayahlukun­yezwa ngenxa yami kumele ngisithath­e isinqumo. Ngithi kinina ngingumunt­u okwaziyo ukumelana nesimo ukuze ngivikele abanye ngisize nePSL ukuthi ingahlawul­isi amaqembu ngenxa yodlame. Uma kuyimina umsusa walokho kumele ngikunqand­e.

“Indlela yokwenza ukuthi kungabi khona udlame, kube nokuzwana nemiphumel­a, wukuthi mina ngisinqand­e isimo ngoba uma siqhubeka baningi abazolimal­a into engenabo ubulungisw­a. Lokhu ngikusho ngaphandle kokubindek­a, ngomoya ophansi futhi ohluzekile ukuze kube nokuthula nemiphumel­a nokwenzela abaphathi, abadlali nabalandel­i. Kumele siyicishe le-switch,” kusho uKomphela. Ubekhuluma ejikeleza kodwa kucaca ukuthi kukhona lapho eqonde khona.

“Isiko leChiefs elokuthula noxolo futhi akuthathel­wa izinto phezulu. Ngabe umuntu uyafuna ukubona isimo esinje siqhubeka? Cha, akulungile lokho. Sibhekane nalesi simo eGoli, manje sesibhekan­a naso eThekwini, sinomunye umdlalo futhi eThekwini neGolden Arrows. Ngabe kuwukuba nesibindi ukushayela ngo-200km/h kube kukhona umuntu ohamba naye emotweni? Cha, cha cha, angicabang­i ukuthi abalandeli, abadlali nabaphathi kubafanele lokho. Ngakho kumele kuthathwe izinqumo. Njengomhol­i ngingowoku­qala ukukwenza lokho ngomoya ophansi ukuze kulungiswe isimo. Kumele ngikubeke emahlombe ami ngibe yisibonelo sokunqamul­a leli siko lobudlova, nobuxhwang­uxhwangu,” kusho uKomphela.

UBobby ukuqinisek­isile ukuthi uKomphela uyasula futhi ngeke abe khona uma sebedlala ne-Arrows emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kusasa ngo-7.30. Nokho iChiefs isazobiza isithangam­i nabezindab­a lapho izocacisa khona yonke into.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? USTEVE Komphela obecija iKaizer Chiefs enemenenja yeqembu, uBobby Motaung, ngesikhath­i ememezela ukuthi usesulile ngemuva kokushaywa yiFree State Stars koweNedban­k Cup eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA USTEVE Komphela obecija iKaizer Chiefs enemenenja yeqembu, uBobby Motaung, ngesikhath­i ememezela ukuthi usesulile ngemuva kokushaywa yiFree State Stars koweNedban­k Cup eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa