Isolezwe

Uchitha izinsolo zokuthi bathwele

- THOKOZANI NDLOVU

INDODAKAZI yezimpunye­la zaseThekwi­ni, uSbu noShaun Mpisane, uSbahle, iphawule okokuqala ngofeleba wenhlwathi eyawufaka ekhasini layo kwi-Instagram, kwaqubuka izinsolo zokuthi lo mndeni uthwele ngayo.

USbahle kuthiwa wafaka i-video yale nhlwathi ebonakala ishibilika endlini maqede wabhala ukuthi imfuyo yakubo iphuma kogeza. Kuthiwa uyikhiphe ngemuva kwemizuzu emine eyifakile. Ngebhadi abaningi bese beyibonile futhi sebeyithat­hile yagcina isisabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lokhu kususe izinkulumo abaningi bethi lo mndeni uphunyelel­iswa wukuthi uthwele.

Izolo uSbahle uphendule kwi-Instagram ekhasini lakhe ngendaba yenyoka wathi, “Uma izinto zikuhambel­a kahle, abantu benza imizamo yokudicile­la phansi isithunzi sakho. Kubona bonke abebesabal­alisa amahlebezi okuthi ngithwele bangibange­la isicefe nangemibuz­o engasile, ngethemba ukuthi baphendule­kile ngalokhu engikubhal­ile.” Umbhalo ubuhambisa­na ne-video yowesilisa okukholaka­la ukuthi ungowaphes­heya ehlezi nezinyoka okukhona kuzona nalena efakwe uSbahle. Lo mlisa kuthiwa ngowaseSou­th Beach eMiami, e-USA kanti uzifuyile lezi zinyoka.

Isolezwe lizame ukuthola uSbahle ukuze aziphendul­ele ngalezi zinkulumo ezibhekisw­e kuyena nomndeni wakhe.

Ethintwa ucele ukuthunyel­elwa i-email aphendule kuyona. Imibuzo athunyelel­we yona ugcine engayiphen­dulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Iningi labebephen­dula emibhalwen­i yakhe ekhuluma ngala mahlebezi ku-Instagram belizwelan­a naye. Kukhona abebethi abantu banomona ngoba ephumelele empilweni uSbahle. Abanye bebethi bekungamel­e aze azikhathaz­e nangokuthi abaphendul­e kulezi zinsolo ngoba abakholwa ukuthi yinto ekhona.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM / SBAHLE MPISANE ?? USBAHLE Mpisane uchitha izinsolo zokuthi umndeni wakhe uthwele ngenyoka njengoba uphumelele ngemuva kwezinkulu­mo ezisuke ngenyoka okuthiwa uyifake kwi-Instagram
Isithombe: INSTAGRAM / SBAHLE MPISANE USBAHLE Mpisane uchitha izinsolo zokuthi umndeni wakhe uthwele ngenyoka njengoba uphumelele ngemuva kwezinkulu­mo ezisuke ngenyoka okuthiwa uyifake kwi-Instagram
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa