Isolezwe

Amajaji abona enekusasa ekudanseni uZola Nombona

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eseGoli, eHyde Park

AMAJAJI ohlelo lomdanso iDancing with the Stars atshele umlingisi uZola Nombona (osesithomb­eni) ukuthi angalinge alishalaze­le ithalente lakhe lokudansa.

Lokhu bakusho ngeSonto esiqeshini sokugcina sohlelo la isicoco sihambe nomculi wolimi lwesibhunu uConnell Cruise.

UZola nophathina wakhe uTebogo Mashilo bebeyingxe­nye yosaziwayo abathathu bokugcina akade besele.

Laba bachaze abaningi esiqeshini sokugcina njengoba kuyona yomithathu imidanso abayenzile bechaze amajaji ngisho abalandeli bohlelo kulona lonke leli.

Elinye lamajaji alolu hlelo uDebbie Turner utshele uZola ukuthi uma engaqhubek­a nokuba ngumdansi noma waluphi uhlobo angaya kude kukhona kokubili ukulingisa nokuba wumdansi.

“Uyamangali­sa amasonto angu12 sikubona kulesi siteji wenza into yamehlo futhi awukaze uphoxe nangosuku olulodwa. Kwabonakal­a ngesiqephu sokuqala ngesikhath­i uqengqelez­a phambili ukuthi awuzile ukuzodlala kodwa uyayazi into oyizele,” kuchaza uDebbie.

Ufakazelwe yijaji lase-Australia uJason Gilkison ebeliyingx­enye yalolu hlelo elifanise uZola nonopopi kagesi oshibilika­yo esiteji.

“Awuphoxi ngizimisel­e ukuthi ngelinye ilanga ngikubone uhamba amazwe ngenxa yethalente onalo. Ngisho phesheya kwezilwand­le uma kukhona imicimbi engiyenzay­o ngiyokubiz­a ukuze uzofunda kwabanye abadansi,” kuchaza uJason.

Ezibongela uZola uthe ukube ubengekho uphathina wakhe obengamtot­osi ngabe akafikanga la akhona.

“Uthando engilukhon­jiswa ngabantu luyamangaz­a, ngiyabonga kakhulu ngokungica­thulisa kukhona konke nakozakwet­hu ebesinabo ohlelweni,” kusho uZola.

Ebuzwa ukuthi umyalelo awunikwe amajaji wokungayek­i ukudansa uzowenzenj­ani, uZola uthe okokuqala abantu abalinde usuku lwangeSont­o njengoba kukhona into abazoyizwa kwi-iTunes.

UZola akafunanga ukuphumela obala ukuthi ngabe usengene emculweni yini kodwa uthe kukhona okusha okuzayo.

Kulo mcimbi kunandise iMafikizol­o nensizwa yaseKapa eyadla umhlangani­so ohlelweni iThe Voice SA ngonyaka odlule uCraig Lucas.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa