Izitshudeni zamaKrestu ‘zicwase’ eziyizitabane
IZITSHUDENI eziyizitabane ezifundela ubudokotela e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), zimangalele ezinye ezisenhlanganweni yamaKrestu ngezinsolo zokuzicwasa.
Izitshudeni ezingamakholwa ezisenhlanganweni, iMedical School Christian Organisation (MSCO), zimangalelwe yizitshudeni ezithi sekunesikhathi eside zicwaswa ngobutabane yile nhlangano eyenza izinkonzo ngaphakathi esikhungweni.
Le nhlangano ike yamiswa amasonto amabili, imihlangano nezinkonzo zayo izenza ngaphandle kwesikhungo.
Kwi-email ebhalelwe izitshudeni evela kumengameli wazo eNelson Mandela School of Medicine u-Ahmed Raja, kuvela ukuthi lolu daba seludale uqhekeko ngaphakathi.
URaja uveza ukuthi babikelwe ukuthi iMSCO ikhulume amagama acwasa izitshudeni eziyizitabane esikhungweni. Uthe udaba luzodingidwa wumkhandlu wekomiti lezitshudeni eliqondisa ubugwegwe ngaphakathi eliholwa yiphini lakhe.
“Sizohlonipha isinqumo esizothathwa yikomiti futhi sithemba ukuthi kuzolandelwa yonke imigudu ukuze kufinyelelwe esiphethweni sodaba. Siyagcizelela ukuthi izitshudeni maziziphathe ngendlela efanele emagcekeni alesi sikhungo nasezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kusalungiswa udaba,” kusho uRaja kwi-email.
Ethintwa yiphephandaba uRaja uvumile ukuthi bayaludingida lolu daba. Uthe ukuthethwa kwecala kuhlehliselwe uMeyi 7 kodwa akakwazi ukuphawula ngeminye imininingwane.
Osohlangothini lwezitshudeni ezimangalile ocele ukungadalulwa ukugwema ukuphazamiseka kwecala, uthe akuqali ukuthi bacwaswe yinhlangano yamakholwa.
Uthe bamangalele iMSCO ngenxa yamazwi ayiziswana ewabhekisa kwabayizitabane.
“Safaka isimangalo ngoba nangonyaka odlule sike sazithola izikhalo ezifana nalezi. Emasontweni amabili edlule kube nekomiti lokuqondisa ubugwegwe kodwa kwahlehliselwa ukuthi iMSCO ifike nozoyimela wangaphandle.