Isolezwe

Sitholwe eceleni komgwaqo isidumbu sobethunji­we

- NONTUTHUKO NGUBANE

SITHOLWE eceleni komgwaqo eMqeku, eNanda, izolo isidumbu sowesilisa obethunjwe ngabazenza amaphoyisa emzini wakhe.

UMnuz Mzameni Scelo Magwaza (33) waseMatata utholwe ngumshayel­i weloli lamanzi ahanjiselw­a umphakathi.

Ngokusho kukamfowab­o, uMnuz Sthembiso Magwaza, umufi ubembozwe ngamahlamv­u ezihlahla eceleni komgwaqo eseshonile.

“Emuva kokuba kuphume udaba kwiSolezwe namhlanje (izolo) sithintwe ngabanye abantu bethi asizobona ukuthi akusona yini isidumbu sakhe sotholwe eceleni komgwaqo. Umfowethu ubembozwe ngamahlamv­u kodwa kucaca ukuthi ubulewe kwenye indawo wabekwa kuleya ndawo. Alikho igazi ebelibonak­ala endaweni yesigameko,” kusho uMagwaza.

Uthe njengomnde­ni basashaqek­ile ukuthi bekwenzenj­ani umfowabo aze abulawe.

“Kuyasidida kakhulu ukuthi kungani bemthumbe ekhaya bambulala base bembeka kule ndawo. Siyabonga kakhulu ngokuthi sikwazi ukumthola kodwa sisele nemibuzo eminingi. Sidumele ngoba besinethem­ba ukuthi sizomthola esaphila,” kusho uMagwaza.

Umufi kuthiwa isidumbu sakhe bese siqala ukuba nephunga njengoba athunjwa ngoLwesihl­anu.

Amaphoyisa izolo akuqinisek­isile ukuthi kutholwe isidumbu kodwa athi asesendawe­ni yesigameko ngakho acela ukubuye athintwe ngalolu daba.

UMagwaza kuthiwa ungqongqoz­elwe yiqulu lamadoda elithe lingamapho­yisa ngoLwesihl­anu ebusuku kwathi uma evula wadutshulw­a esiswini.

Abasolwa bamthatha bahamba naye ngemoto.

Umzala wakhe, oneminyaka engu-22, kuthiwa bamshiyile yena endlini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa