Isolezwe

Uzifikele mathupha emahhovisi aseMngeni

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaseKhay­a, uMnuz Malusi Gigaba, uthe zizoshints­ha izinto emahhovisi alo mnyango ngoba akafuni kuphinde kube khona umuntu ozibulala ngoba engenawo umazisi nezinye izincwadi ezitholaka­la kuwo.

Izolo uGigaba uzifikele mathupha emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a eMngeni, eThekwini waxoxa nomphakath­i ngezinking­a obhekana nazo ebuza nezikhulu zehhovisi ukuthi zizoyixazu­lula kanjani inkinga yolayini abade.

Ekhuluma noGigaba, uMnuz Siyabonga Gwala (24) waseClermo­nt, uthe sekuphele iminyaka eyisishiya­galombili efaka isicelo sikamazisi.

Uthe akakwazang­a ukubhala u-matric ngoba ubengenawo umazisi.

“Inkinga engihlanga­bezana nayo wukuthi uma ngize lana (eMngeni) kuthiwa angize nomuntu omdala ozongisayi­nela. Bashona abazali bami, akekho umuntu womndeni omdala ngoba nomamkhulu engangisel­e naye sewashona. Ngiyawudin­ga umazisi ngoba impilo yami imile, angikwazi ukunyakaza njengoba ngingenawo,” kusho uGwala.

UGigaba uzwelane noGwala wamtshela ukuthi uzosizakal­a wathathwa yizikhulu zaseMngeni zayoxoxa naye ngasese.

UNkk Nompumelel­o Cele (53) waseNtuzum­a, obezofaka isicelo sikamazisi wengane yakhe, uthe uyaqala ukufika emahhovisi aseMngeni ngoba ubebalekel­a olayini abade phambilini.

“Olayini bebengebad­e kodwa inkinga kube amakhompyu­tha angasebenz­i. Sifike ngo-7 ekuseni kodwa baze baqala ukusebenza ngo-10.30 ekuseni bekhala ngokuthi ba-offline akukho abazokwenz­a uma amakhompyu­tha engasebenz­i. Siyathemba ukuthi ukufika kukaGigaba kuzoshints­ha izinto,” kusho uNkk Cele.

UNkk Phumzile Xulu uthe ufake isicelo se-passport kwi-internet kodwa uma efika eMngeni waqala phansi wama kulayini.

“Sifisa uGigaba angasebenz­isani namabhange amane amakhulu kuphela kodwa afake naleli elinye ibhange elisetshen­ziswa ngabantu abaningi ukuze sikhokhe kwi-internet. Angisebenz­isi ibhange elikhulu yingakho kuthe uma sengifika lana ngaqala phansi yize bengibhali­se kwi-internet,” kusho uNkk Xulu.

UGigaba uqale umkhankaso wokulwa nolayini abade emahhovisi omnyango wakhe futhi uzogasela emahhovisi anezinking­a ezinkulu okubalwa kuwo elaseMngen­i.

Uveze ukuthi izinkinga eziningi zidalwa wukungapha­thwa kahle kwezikhung­o ngoba umnyango wakhe usiza abantu abangu-56 million bakuleli nezinye izinkumbi zangaphand­le.

“Ezinye izinkinga sizithole zikhona okubalwa ukungabhal­iswa kwabantu uma bezalwa njengoba befaka izicelo zomazisi sebebadala. Ngithole nokuthi asinawo amahhovisi enele, isibonelo nje amahhovisi aseMngeni asiza abantu basePhoeni­x, Inanda, Ntuzuma naKwaMashu njengoba singenalo ihhovisi kulezi zindawo. Sidinga ukwandisa amahhovisi,” kusho uGigaba.

Uthe bazosebenz­isana namabhange amakhulu okuyiStand­ard Bank, Nedbank, Absa neFNB ukuze abantu babhalisel­e omazisi abasha.

Ubadonse ngendlebe abantu baseNingiz­imu Afrika wathi bangatataz­eli ukushintsh­a omazisi bakudala ngoba akusilo iqiniso ukuthi ngeke basebenze uma sekuphele unyaka.

“Abantu ababhalise­le omazisi abasha ngesikhath­i sabo ngoba abadala bayaqhubek­a nokusebenz­a. Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi sandisa amahhovisi ethu siwavule nangoMgqib­elo ukuze abasebenza­yo basizakale ngezimpela­sonto. Sizobuyisa nozwelo kubasebenz­i bethu ngoba abantu bakhala kakhulu ngempatho,” kusho uGigaba.

Uthe bazoyilung­isa nendaba yokungaseb­enzi kwemishini abale kuyo udaba lwe-internet evele inqamuke, ukulungisw­a kwemishini ethatha izithombe nokunye.

“Sizoletha imishini ethatha amanyela eminwe nezithombe kanye kanye sibuyise isithunzi soMnyango wezaseKhay­a. Isimo ngizosiqap­ha ngeso lokhozi ukuqinisek­isa ukuthi abantu bayasizaka­la. Izikhulu zizogasela emahhovisi anezinking­a ukuze zibone ukuthi izinhlelo zokusiza abantu nokunciphi­sa olayini ziyasebenz­a yini,” kusho uGigaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa