Isolezwe

AbeFFRET baphinde bamisa umsebenzi

- BONISWA MOHALE NOZAINUL DAWOOD

PHEZU kokuba umacaphuna­kusale waseThekwi­ni, uMnuz Vivian Reddy, ethole incwadi yasenkanto­lo evimbela amalungu eFederatio­na for Radical Economic Transforma­tion (FFRET) ukuba amise ukusebenza ezindaweni zakhe ezintathu kodwa amalungu eFFRET aqhubekile izolo amisa umsebenzi endaweni yakhe eseMhlanga.

Izolo bebungekho ubuholi obuphezulu beFFRET kodwa uMnuz Mduduzi “Gadaffi” Sibiya, weDelangok­ubona Business Forum, uthe bamise umsebenzi ngoba uReddy wayethembi­se osonkontil­eka abancane u-30% womsebenzi kodwa abawuthola­nga.

NgoLwesith­athu amalungu eFFRET agasele ezindaweni zikaReddy ezintathu. Eyokuqala eKwaDukuza, lapho akha khona inxanxathe­la yezitolo; eseNanda lapho akha khona isibhedlel­a neseMhlang­a lapho akha khona i-Oceans okuyindawo ezoba nezindlu zokuhlala nehhotela iRadisson Blu.

NgoLwesine, izinkampan­i zikaReddy i-Oceans Umhlanga, Double Ring Seven Trading ne-Edison Power Group zinikwe incwadi evimbela izinhlanga­no zosomabhiz­inisi abafuna umsebenzi ngenkani ukuthi bamise umsebenzi wazo.

Incwadi yasenkanto­lo iyalele iFFRET, Delangokub­ona Business Forum, oMnuz Robert Ndlela, Malusi Zondi, Mkhe Zungu, Sifiso Mkhwanazi, Bonga Shongwe, Sibusiso Mnyandu noPhakama Nhassengo ukuthi bayeke ukugasela ezindaweni zikaReddy ngoba bazoboshwa.

Akufanele basabise abasebenzi, osonkontil­eka nezinye izinkampan­i ezisebenza ezinhlelwe­ni zentuthuko kaReddy futhi kufanele bakhokhe izindleko zasenkanto­lo.

IGroup Corporate Affairs & Chief of Staff e-Edison Power Group & Property Group, uMnuz Brian Mpono, uthe umsebenzi ubuqhubeka njengokujw­ayelekile izolo.

Uthe bakhona abazame ukumisa umsebenzi kodwa abazange baphumelel­e ngenxa yokuthi inkantolo isiwukhiph­ile umyalelo wokuthi makungapha­zanyiswa lutho.

UMnuz Malusi Zondi, onguNobhal­a weFFRET, uthe bayazi ukuthi uReddy uye enkantolo futhi nabo bazomfaka enkantolo ngoba bakhathele wukwenziwa izilima.

Uthe abafuni uReddy asebenzise igama labo ukuheha abatshaliz­imali ngoba bayazivala izindawo zosomabhiz­inisi abangabaqa­shi abantu bendawo nosomabhiz­inisi bendawo.

Izolo uReddy uthe udaba lokumiswa komsebenzi seluphethw­e ngosonkont­ileka abasebenze­la ezindaweni zakhe.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UNKK Zanokuhle Shandu waseMlaza elungisele­la ukuthatha isithombe sikamazisi emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a aseMngeni okhombayo nguNgqongq­oshe walo mnyango uMnuz Malusi Gigaba obezozibon­ela ukuthi kwenzekani kula mahhovisi emuva kwezikhalo zomphakath­i
Isithombe: GCINA NDWALANE UNKK Zanokuhle Shandu waseMlaza elungisele­la ukuthatha isithombe sikamazisi emahhovisi oMnyango wezaseKhay­a aseMngeni okhombayo nguNgqongq­oshe walo mnyango uMnuz Malusi Gigaba obezozibon­ela ukuthi kwenzekani kula mahhovisi emuva kwezikhalo zomphakath­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa