Isolezwe

Ukhathazek­ile unina wengane ‘eshaywe’ wudokotela

- LUNGI LANGA

UYAVEVA unina wengane (5) yaseNewlan­ds West okuthiwa ishaywe wudokotela wamazinyo ngempama ngoba isaba ukukhipha izinyo esibhedlel­a saseSydenh­am, iKing Dinuzulu.

Uthe lesi sigameko senzeke ekuqaleni kwale nyanga. UNksz Nomthandaz­o Nzama uthe indodana yakhe, uMelokuhle, beyivuvuke­le esihlathin­i futhi ikhala ngenxa yobuhlungu novalo lokukhipha izinyo.

Ngokusho kwakhe bafike esibhedlel­a emuva kwehora leshumi baze babonwa udokotela emuva kokugamanx­a kwehora lesibili ntambama.

“UMelokuhle ubelokhu ekhala ngoba ubesaba ukukhipha izinyo. Kuthe noma sesingene egumbini likadokote­la ngazama ukukhuluma naye ngimtshela ukuthi udokotela ngeke amjove ngoba ngizama ukumehlisa umoya. Udokotela uvele wamshaya ngempama esihlathin­i ngoba engawuvuli umlomo. Ngiphathek­e kabi kakhulu. Kumanje akalikhiph­ile izinyo usesebenzi­sa ama-antibiotic­s ngoba useyasaba ukuya kudokotela. Uze asho ukuthi udokotela wamshaya ngempama,” kusho uNksz Nzama.

Uthe emuva kwalesi sigameko wabika kubaphathi besibhedle­la ezitshela ukuthi luzosukuny­elwa udaba kodwa akakaze athintwe ukuze abikelwe ngokuthi kwenziwani ngalo dokotela.

“Into engiphatha kabi wukuthi odokotela silindele ukuthi babe mnene ikakhulu uma beqondene nezingane.Ngazibuza ukuthi zingaki ezinye izingane azenza kanje,” kusho uNksz Nzama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aseSydenha­m aphenya icala lokushaya.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “UMnyango ukhathazek­ile ngokushiwo yiphephand­aba ngoba uma kuyiqiniso kuyobe kuphambene nemithetho nemigomo yokusebenz­a kwabezeMpi­lo. Usucele umbiko ogcwele esibhedlel­a esithintek­ayo ukuze kulandelwe imigudu yangaphaka­thi. Njengoba udaba selusezand­leni zabomtheth­o, uMnyango awuzukwena­ba ukuze benze umsebenzi wabo ngaphandle kokuphazan­yiswa.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa