Isolezwe

Uvele enkantolo ngodlame lwaseMabhi­da

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUVELE ukuthi ingumlande­li we-Orlando Pirates indoda ebekwe amacala ahlobene nesiphithi­phithi esenzeke eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weKaizer Chiefs ekhishwe kuwo yiFree State Starts kuma-semi final eNedbank Cup.

UMnuz Phelelani Jojisa (32) waseHardin­g uvele izolo eNkantolo yeMantshi eThekwini ngamacala amabili – elokungena enkundleni ngaphandle kwemvume nelokulwa namaphoyis­a.

Umndeni kaJojisa, obukhihla isililo ngaphandle kwasenkant­olo ngoba esagcinwe esitokisin­i kuze kube uLwesithat­hu ukuze afake isicelo sebheyili, utshele Isolezwe ukuthi awukholwa wukuthi ushise inkundla.

Udadewabo omdala, uNksz Nontethele­lo Jojisa, uthe njengoba engayiseki nje iChiefs, besingekho isidingo sokuthi alwe noma ashise inkundla.

“Umfowethu weseka i-Orlando Pirates, ubezozibuk­ela ibhola nje ngoba elithanda. Abantu abebenodla­me bashisa nenkundla abalandeli beKaizer Chiefs. Okusiphath­a kabi kakhulu wukuthi sibona abantu abaningi kuma-video okuthiwa yibona abebenodla­me kodwa asibaboni beboshiwe, umfowethu kuphela oboshiwe,” kusho uNksz Jojisa.

Ngaphambil­ini amaphoyisa abethe babili abantu ababoshiwe ngodaba oluthinta isiphithip­hithi esenzeke enkundleni kodwa uyedwa ovele enkantolo izolo. Akucacanga ngomunye.

Umzala wakhe, uMnuz Nhlanhla Gwija, uthe bashaqekil­e ukuthi kuboshwe yena yedwa.

“Umfowethu besingazi nokuthi uboshiwe size sathola ekuseni namhlanje (izolo). Besingazit­sheli ukuthi angaboshel­wa udlame olwenziwe abalandeli beKaizer ngoba akayena umlandeli wayo. Abamnikezi ngisho nebheyili basamgquma ezitokisin­i ngento angayazi,” kusho uGwija.

UJojisa uhlala eMayville ngenxa yokusebenz­a ngoba ebamba amatoho eThekwini futhi unezingane azondlayo.

Khonamanja­lo, kushone elayizolo usomabhizi­nisi waseMgungu­ndlovu kodwa ozinze eGoli, uMnuz Blaine Joseph, efuna unogada olimele obonakala eshaywa ngezihlalo kwenye yama-video asabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuze amlekelele ngezindlek­o zokulashwa kwakhe aphinde amkhokhele ingxenye yomholo wakhe ngesikhath­i esalimele.

UJoseph uthe ufisa ukumlekele­la lo unogada ngoba uyabazi ubunzima umsebenzi abhekana nabo .

“Ngeke ngakwazi ukumqasha kweyami inkampani kodwa ngifuna ukulekelel­a ngoba uhlukumeze­kile esemsebenz­ini. Ngizomhole­la unyaka wonke nezindleko zokulashwa kwakhe ngizikhokh­e. Ngifisa ukuxhunyan­iswa nonogada ngokushesh­a,” kusho uJoseph.

Esithangam­ini nabezindab­a uSihlalo wePSL, uMnuz Irvin Khoza, uthe unogada olimele, uMnuz Sabela Mazibu. Kushaye isikhathi sokushicil­ela izolo unogada, okuthiwa uhlala ehostela KwaMashu, engatholak­ali.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UMNUZ Phelelani Jojisa evele enkantolo yaseThekwi­ni izolo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UMNUZ Phelelani Jojisa evele enkantolo yaseThekwi­ni izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa