Isolezwe

Ingenyanga ezayo eye-ANC eKZN

- MLUNGISI GUMEDE

IZOBA khona ingakaphel­i inyanga ezayo ingqungqut­hela ye-ANC KwaZulu-Natal ebhekwe ngabomvu.

Lokhu kuvezwe nguNobhala­jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule esithangam­ini nabezindab­a, eCoastland­s Hotel eThekwini izolo ngemuva komhlangan­o obushubile wamalungu ezigungu eziphezulu ze-ANC, iNEC neNWC kukhona kuwo noMengamel­i uMnuz Cyril Ramaphosa.

Amalungu ezigungu abe nomhlangan­o ehhotela kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama ebhunga kabanzi ngemibiko ayithole ezifundeni azihambeli­le eyozwa ukuthi athini amagatsha ngodaba lwezingqun­gquthela.

“Esikutholi­le wukuthi izifunda sezikulung­ele ukuthi kuyiwe engqungqut­heleni yize kukhona izinkinga ezimbalwa kodwa okugqamayo wukuthi amagatsha amaningi ayayifuna ingqungqut­hela,” kusho uMagashule, wengeza ngokuthi isigungu esiphezulu senhlangan­o sizokhipha isinqumo ngosuku lwengqungq­uthela.

Uthe ngeke iphele inyanga ezayo ingabanga khona ingqungqut­hela ngoba ngoJuni kuqala imikhankas­o yokhetho lwangonyak­a ozayo.

UMagashule uphinde wamemezela ukuthi iKwaZuluNa­tal ingaphansi kohlaka olubizwa ngeProvinc­ial Task Team (PTT) ngemuva kokuthi iProvincia­l Interim Committee (PIC) iphelelwe yisikhathi.

“Sibuyisele wonke amalungu ePIC sawenza iPTT, okuhle wukuthi iPTT inezinyang­a eziyisishi­yagaloluny­e isehhovisi futhi inamandla ewanikwe wuMthethos­isekelo wenhlangan­o,” kusho uMagashule.

Uthe iPTT izoqhubeka nomsebenzi obusuqalwe yiPIC wokubumba isifundazw­e nokwenza amalungise­lelo ezingqungq­uthela.

UMagashule uncome ubuholi besikhasha­na be-ANC esifundazw­eni wathi benza umsebenzi omuhle.

Uthe kusukela bungenile ehhovisi benza konke okusemandl­eni ukuxazulul­a izinkinga zokuncishw­a kwabantu ubulungu benhlangan­o.

UMagashule ukugxekile ukukhishwa kwezibhamu emihlangan­weni ye-ANC.

Bekunokweh­lukana phakathi KwaZulu-Natal mayelana nokuba khona kwengqungq­uthela njengoba kukhona abathi kumele ibe khona abanye bethi ayingabi khona.

Uhlangothi lukaRamaph­osa alufuni ibe khona kanti oluhambisa­na nobengumen­gameli uMnuz Jacob Zuma lufuna ibe khona.

Umhlangano wayizolo ubunobuhol­i bonke be-ANC okubalwa nobezinhla­ka i-ANCYL, ANCWL neVeterans League.

UMagashule uthe into abebebhung­a ngayo emhlanganw­eni wukwakha ubumbano enhlanganw­eni ikakhuluka­zi njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke.

Uthe bazohambel­a zonke izifundazw­e njengoba sebeqale KwaZulu-Natal.

Ebuzwa mayelana nodaba lukaNdunan­kulu waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo, uMagashule uthe zisaqhubek­a izingxoxo ngoMahumap­elo.

Imithombo yeSolezwe ebingaphak­athi emhlanganw­eni ithe umhlangano ubushubile njengoba bekukhona ukungavume­lani ngodaba lwengqungq­uthela yesifundaz­we.

Uthe maningi amagatsha athe asekulunge­le ukuya engqungqut­heleni okwenze kwathathwa isinqumo sokuthi ibe ngaphambi kokuphela kukaMeyi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa