Isolezwe

Othisha babhikishe­le uthishanhl­oko

- KWANDOKUHL­E NJOLI

BAMISE ukufunda othisha besikole samabanga aphansi iThembalih­le Primary, eMariannhi­ll, babhikisha bekhala ngokungath­uthuki kwesikole.

Izolo akufundwan­ga nhlobo kulesi sikole. Othisha bebebhikis­ha ngaphandle bephethe izingqwemb­e ebezigxibh­a uthishanhl­oko.

Ezinye zalezi zingqwembe bezibhalwe ukuthi: “Siphi isigungu esilawula isikole. Sisebenza nini. Ziphi izimali zesikole. Kwenzeka kanjani ukuthi uthishanhl­oko kube nguyena owengamele konke okuqondene nesikole?”

Omunye wothisha okhulume neSolezwe uthe izingane zifunda emagunjini amapulangw­e zisebenzis­a amatafula nezitulo okudala kanti nezinsizak­usebenza ziyashoda.

Lo thisha ubuye wakhala ngokuthi uthishanhl­oko uyabanqabe­la ukuhlaba ikhefu.

Omunye owayemele iSadtu kulesi sikole uthe: “Kunezingan­e eziningi kakhulu. Zingaphezu kuka-1 500 okusenza singalawul­eki kahle. Indlela esiphethwe ngayo ayigculisi neze njengoba intuthuko ingabonwa okubonakal­a ngokuthi kusenamath­oyilethi amahlanu kuphela.”

Ikhansela lendawo, uMnuz Reginald Cloete, lithe bese lizwile ngezinking­a ezibhekene nalesi sikole kodwa lathi uma liyoxhuman­a nothishanh­loko, wangalemuk­ela kahle, walixosha.

“Into engenze ngasukumel­a lolu daba, ngithole ukuthi izingane zijikisiwe. Engikwaziy­o wukuthi kunezinsol­o ezibhekisw­e kuthishanh­loko zokuthi udla imali namanye amalungu esigungu esilawula isikole. Kuvela nokuthi amanye amalungu akhethwa ngo-2014, awakaze ashintshwe,” kuchaza uCloete.

Ethintwa uMnuz Justice Dlamini onguthisha­nhloko osolwa ngokungaph­athi ngendlela, ucele ukuthi kukhulunyw­e nomhloli.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe ngokwazi komnyango isikole sinamalung­u amasha esigungu esilawula isikole.

“Uma bengagculi­sekile ngokuqokwa kwesigungu esilawula isikole, kungakuhle bakhulume nomnyango. Njengomnya­ngo siyakugxek­a ukuphazami­seka kokufunda nodlame esikoleni,” kuphetha uMthethwa.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ZIFIKE zajikiswa esikoleni izingane ezifunda eThembalih­le Primary emuva kokusuka kwesixakax­aka kulesi sikole othisha bebhikisha
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ZIFIKE zajikiswa esikoleni izingane ezifunda eThembalih­le Primary emuva kokusuka kwesixakax­aka kulesi sikole othisha bebhikisha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa