Isolezwe

Ugwetshwe udilikajel­e owanukubez­a ingane kamfowabo

- INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE udilikajel­e owesilisa olahlwe ngecala lokudlweng­ula indodakazi kamfowabo eneminyaka eyisithuph­a ayeyigadil­e.

Lo wesilisa (25), onguyise omncane womgilwa waseMalang­eni, eScottburg­h, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yakule ndawo ngoLwesihl­anu.

Kuthiwa lo babomncane obehlala nabazali bengane emzini wabo wacelwa ngumakoti wakubo ukuthi ambhekele amadodakaz­i akhe amabili ngoFebhuwa­ri nyakenye ngoba yena esathathwe wuhambo.

Esebuyile waqaphela ukuthi enye yezingane zakhe yayenza izinto eyayingajw­ayele ukuzenza futhi yayilokhu igqigqa endlini encane.

Wayibuza ukuthi kwenzekeni yamtshela ukuthi inukubezwe uyisomncan­e ngesikhath­i engekho, wathi ingatsheli muntu.

Lolu daba lwabikwa emaphoyise­ni, lwase ludlulisel­wa ophikweni oluphenya amacala athinta imindeni nezingane, namacala athinta ucansi, eMzinto. Ngalesi sikhathi ubabomncan­e kuthiwa wayesebale­kile kamfowabo.

Esigamekwe­ni esihlukile uMnuz Simphiwe Madlala (31) waKwaGezub­uso, eMgungundl­ovu, ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yakule ndawo iminyaka ewu-20 ngokudlwen­gula owesifazan­e oneminyaka engu-18 ngoMeyi 2016.

Kuthiwa uMadlala wahlangana nalo wesifazane owayehamba eduze kukajantsh­i wesitimela, wahosha ummese wamsabisa ngawo, emphoqa ukuthi aye naye ocansini.

Icala lavulwa esiteshini samaphoyis­a ePlesssisl­aer, lase lidlulisel­wa kubaphenyi bophiko lwamacala ocansi, uMadlala waboshwa ngemuva kwesikhash­ana kuvulwe icala. UMadlala naye ugwetshwe ngoLwesihl­anu.

UKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome ukusebenza ngokuzimis­ela kophiko oluphenya amacala okunukubez­wa okuholele ekutheni kugwetshwe lezi zigilamkhu­ba.

“Kubuhlungu ukuthi abantu abadala okumele ngabe bavikela izingane baphinde bazinakeke­le yibona abazihluku­mezayo. Ukugwetshw­a kwalezi zigilamkhu­ba kuzothumel­a umyalezo nakwabanye abantu abacabanga ukwenza amacala afanayo,” kusho yena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa