Ugwetshwe udilikajele owanukubeza ingane kamfowabo
UGWETSHWE udilikajele owesilisa olahlwe ngecala lokudlwengula indodakazi kamfowabo eneminyaka eyisithupha ayeyigadile.
Lo wesilisa (25), onguyise omncane womgilwa waseMalangeni, eScottburgh, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yakule ndawo ngoLwesihlanu.
Kuthiwa lo babomncane obehlala nabazali bengane emzini wabo wacelwa ngumakoti wakubo ukuthi ambhekele amadodakazi akhe amabili ngoFebhuwari nyakenye ngoba yena esathathwe wuhambo.
Esebuyile waqaphela ukuthi enye yezingane zakhe yayenza izinto eyayingajwayele ukuzenza futhi yayilokhu igqigqa endlini encane.
Wayibuza ukuthi kwenzekeni yamtshela ukuthi inukubezwe uyisomncane ngesikhathi engekho, wathi ingatsheli muntu.
Lolu daba lwabikwa emaphoyiseni, lwase ludluliselwa ophikweni oluphenya amacala athinta imindeni nezingane, namacala athinta ucansi, eMzinto. Ngalesi sikhathi ubabomncane kuthiwa wayesebalekile kamfowabo.
Esigamekweni esihlukile uMnuz Simphiwe Madlala (31) waKwaGezubuso, eMgungundlovu, ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yakule ndawo iminyaka ewu-20 ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-18 ngoMeyi 2016.
Kuthiwa uMadlala wahlangana nalo wesifazane owayehamba eduze kukajantshi wesitimela, wahosha ummese wamsabisa ngawo, emphoqa ukuthi aye naye ocansini.
Icala lavulwa esiteshini samaphoyisa ePlesssislaer, lase lidluliselwa kubaphenyi bophiko lwamacala ocansi, uMadlala waboshwa ngemuva kwesikhashana kuvulwe icala. UMadlala naye ugwetshwe ngoLwesihlanu.
UKhomishana wamaphoyisa osabambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome ukusebenza ngokuzimisela kophiko oluphenya amacala okunukubezwa okuholele ekutheni kugwetshwe lezi zigilamkhuba.
“Kubuhlungu ukuthi abantu abadala okumele ngabe bavikela izingane baphinde bazinakekele yibona abazihlukumezayo. Ukugwetshwa kwalezi zigilamkhuba kuzothumela umyalezo nakwabanye abantu abacabanga ukwenza amacala afanayo,” kusho yena.