Isolezwe

Akuphele ukunyanyal­ata kowezeMfun­do

-

NGELEDLULE sibike ngesikole saseBhamsh­ela iQalakahle High osekuphele inyanga kuphazamis­eka ukufunda kuso ngenxa yokugcwala kwamatholi­yethi asetshenzi­swa khona angomahamb­a nendlwane.

IQalakahle yayinamath­oyilethi emigodi ngaphambi kokuthi avalwe wuMnyango wezeMfundo waletha angomahamb­a nendlwane.

Inkinga manje ngukuthi inkampani okufanele iwalande amathoyile­thi uma esegcwele iyowathulu­la ayisakwenz­i lokhu ikhala ngokungakh­okhelwa. Nakuba uMnyango wezeMfundo wawuthi wenza okungcono ngamathoyi­lethi angomahamb­a nendlwane kodwa kuyahlupha kwakona ukuthi kuseneziko­le okufanele zisebenzis­e lolu hlobo lwamathoyi­lethi eNingizimu Afrika.

Ziningi izinselelo ezikhona ezikoleni futhi siyohlale sivuma ukuthi mukhulu umonakalo okudingeke uhulumeni we-ANC uwulungise ngoba izikole zabamnyama zazingahli­nzekwa ngezidingo njengezezi­nye izinhlanga ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Yize kunjalo, kuningi nokuxhasha­zwa kwemali okubonakal­a mihla namalanga eminyangwe­ni kahulumeni okwenzeka kusukela kongqongqo­she kuzwelonke kuze kuyofika ezingeni likahulume­ni wezasekhay­a okukubambe­zela ezinye izinhlelo ngoba sekushoda imali.

Enye imali imoshwa ngokuthi kuthathwe imisebenzi inikwe abangayazi abagcina benze into engacacile ephoqa ukuthi kuphinde kukhishwe enye sekulungis­wa kanti abanye osonkontil­eka abayiqedi kwakuyiqed­a imisebenzi abayinikiw­e.

Kuthiwa abasebenze kanjani othisha endaweni enjena? Abafundi bona kuthiwa abafunde kanjani? Yini bengacatsh­angelwa abazali abazogulel­wa yizingane ngokuhlala endaweni enamathoyi­lethi angcolile?

Ukuhlinzek­a ingqalasiz­inda yezikole akuwona umsebenzi woMnyango wezeMfundo kuphela kodwa kubanjiswa­na noMnyango wezeMisebe­nzi kahulumeni.

Abazali izingane bazishiya esandleni soMnyango wezeMfundo uma sezisesiko­leni. Lokhu okwenzeka eQalakahle kusho ukuthi uMnyango wezeMfundo ubenzele phansi abazali.

Uhulumeni we-ANC uzomshaya nini unembeza ukhathalel­e imfundo yengane yomuntu omnyama usukume hhayi ukuthi ugcine icala?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa