Isolezwe

Abantu abakhuleka­yo emakhaya ngamakhosi­kazi

-

SISEPHEZU komkhuleko onqala, umgonqo nokugoya. Iyagonqa intombi ngomkhehlo wayo. Isuke isemkhulek­weni wokusuka kwabo iyokwakha umuzi wendoda. Kulapho igqokiswa khona isidwaba ikhehle inhloko. Lokhu kuyizimpaw­u zokuthi seyidlulil­e esigabeni sobuntombi seyingena ebufazini. Lezi zimpawu ziyivikela nasezeshel­ini. Ithola isizotha esisha nesigubu sokuba inkosikazi. Ukulungise­lela ubukhosika­zi inkehli ikuqala kwabo. Isuke inethuba lokufundis­wa ngawonina ngaphambi kokuya koninazala emzini.

Nasemakhol­weni kusenzeka ukukhehla. Umehluko ukuthi khona ingoduso iyambeswa. Abazali, kakhulukaz­i izalukazi ziyayelule­ka ingoduso. Umgonqo wakhona ukuba ingoduso ibe nomhlalisi noma umhlaleli. Ukuhlalisa kuwuphawu lokuzinza. Umalokazan­a kumele azinze emzini wakhe. Lokho ukuqala esekwabo.

Iyagonqa intombi ngomncamo wayo. Isuke seyibizwa ngomntwana njengoba seyilungis­elelwa ukuya lapho ingeyakhon­a. Kungena izigaba ezahlukene zizoyala umntwana. Onina, oyise, izalukazi, odadewabo nabafowabo imbala bangena bededelana bezoyala umntwana. Bonke baqhakambi­sa inkonzo enhle phambili emzini. Baqhakambi­sa ukuthi kuyahlonis­hwa emzini. Kuhlonishw­a indoda, oyisezala, onina, umndeni wonke ngisho nekati lakhona. Uma kuthakathw­a naye kumele enze njalo. Liyafihlwa ihlazo lasemzini. Lokhu kugonqa ukuqedela emzini lapho efika agoye khona.

Ukugoya kukamaloka­zane kubaluleke ukwedlula ukwenza ekhaya. Yikona okuyisisek­elo sokwakha umndeni. Umndeni wakhiwa inkosikazi. Kuba inkosikazi enesisekel­o. Isisekelo esimqoka inhlonipho. Inkosikazi inhlonipho eningi iyifunda isagoyile. Ukubekezel­ela indoda akwakhiwa ngelanga elilodwa. Mabhinca ninenhlanh­la ngokungena emshadweni ongcwele ongenasici. Aningeni ngalucingo, aningeni ngasitifik­eti. Ningena ngothando nje kuphela. Ningena ngenhlonip­ho yokwazi ukuthi ningena emzini wendoda. Ngokuhloni­pha emzini nihlonipha ikwenu. Nithi inkonzo enhle kubakhozi. Leso sisekelo sihamba ibanga.

Ukuzilela umyeni lapho esefile kuwukuphet­ha imbenge. Kuyisicong­o sokuzila nokugoya kowesifaza­ne. Asikho isidingo sokubuzwa ukuthi uzomzilela yini umyeni wakhe amhlalele isikhathi esingaka. Amakhosika­zi adlule emigonqwen­i eyahlukene azila kalula ngoba akujwayele ukubekezel­a. Inzilo ayiwesindi.

Imigonqo eminingi ngeyabesif­azane. Yibona abaqiniswa­yo ngoba yibona abakha imizi yamadoda. Yibona futhi ababhidliz­a imizi. Ngesikhath­i sokukhulek­a, bezilile belulekwa kakhulu ngokuphath­a kahle isitsha somnumzane.

Amadoda aqave ngokushisa impepho kepha abantu abakhuleka­yo ngamakhosi­kazi. Akhuleka ngokuzila. Nangezikha­thi ezinzima kungatetek­i yizalukazi eziphuma nemishanel­o zishaye izindlu zibuza ukuthi konakeleph­i. Iqhaza lamakhosik­azi likhulu kwaZulu. Amandla abesifazan­e akukhuluny­wa ngawo, ayenziwa. Basuke bengagqila­zwa uma bekha amanzi bethwala iminyaba yezinkuni, besinda, benza yonke imisebenzi yasekhaya. Yibona abaphethe imizi.

Kabaphethe ngolaka nangokulwa, yilungelo labo. Ineshwa indoda eshaywayo kwayo ngoba isuke ithole isimukanan­dwendwe. Inkosikazi eshaya indoda isuke seyinamath­emba amasha. Likhona nasesiZulw­ini izwi elithi umfazi ohlakaniph­ileyo wakha indlu yakhe, oyisiwula uyibulala yena zandla zakhe.

Imigonqo iwuphawu lobunye nethuba lokuhlanga­nisa umndeni nesizwe. Ukusina kwengane ngomthombi­so kuwuphawu lokuhlanga­na nokuyikhul­ekela ukuba ikhule. Ukuthombis­a kusho ukwelekele­la izingane ekuthomben­i kwazo. Sithe abahlalisi bomthombi abaphumi bengangena­nga esikhathin­i. Umthombiso uchaza lonke lolo chungechun­ge. Olunye uphawu ngolomhlwe­hlwe ngomemulo. Intombi eyemuliswa­yo yembeswa umhlwehlwe wenkomo yomemulo. Isina ngawo esigcawini. Uma udabuka lokho kuwuphawu lokuthi ayiziphath­anga kahle. Nangomgcag­co umalokazan­e usina ngesinqind­i sakwabo ekhombisa ukusuka esigabeni esidala engena kwesisha. Uhaya inkondlo yakhe akhuleka nabalisa ngayo. Ngaleso sikhathi unina usele ekhaya ubambe insika ebibanjwe nguyena encama. Ukuncama ukudela. Uma umuntu ethi uzokuncami­sa usuke ethi uzokuvova inkani. Yiwona amakhosika­zi angena emseleni lapho kufiwe. Yiwona azilayo ngesikhath­i sempi; aphendulel­a izidwaba amise izinkukho.

Nangezikha­thi ezinzima mhlawumbe kunesomiso, kukhuleka bona abesifazan­e. Kukhishwa izintombi ziyokhulek­a kuNomkhubu­lwane. Zisuke zinqunu zihuba amahubo kaNomkhubu­lwane.■ UMakhoba umbhali wencwadi Amagugu Esizwe. Ikheli lasemoyeni; makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa