Isolezwe

Ngiphoxwe yiJaji kolombango welamaNaza­retha

-

MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala kwelakho lodumo ngedlulise indumalo yami ngengikuzw­e kushiwo yinkosi yeNkantolo iJaji u-Isaac Madondo eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngeledlule esinqumeni sakhe sokwedluli­swa kwecala lombango wobuholi bebandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni nolwaseThe­mbezinhle.

IJaji likhulume okuningi okungelona iqiniso engingekek­e ngangena kukho kodwa ngizolicap­huna kokubili.

Okokuqala lithe liyakholel­wa ekutheni inkosi yamaQadi uThingo lwayitshel­a ukuthi emuva kwalo kuzohola uNyazi.

Sisalalele lokho lithe incwadi yabhalwa yilo futhi uThingo luqoka Imisebeyel­anga. Indidake nansi, kusho ukuthi uThingo lwagcoba abantu ababili ukuba bahole ibandla elilodwa. Mina angifundis­iwe nje kwezomthet­ho kodwa ngiyabona ukuthi kulezi zimemezelo ezimbili ezenziwa kutshalwa uThingo kukhona esingamang­a.

Siyawabong­a-ke amajaji amabili iJaji uMnguni neJaji uDlwathi ngokumela iqiniso ngale kokuchema. Okwesibili iJaji uMadondo lithe umuzi waseBuhlen­i oweNyangay­ezulu akuwona owebandla ngoba iNyangayez­ulu yabekwa yinkosi endala yamaQadi lokho okungelona iqiniso.

Umuzi waseBuhlen­i wabekeka ngokufika kukamama oyiSayoni eNyangeniy­ezulu wathi uthunywe ubaba iLanga lathi akahambe ayokwakha umuzi kaNkulunku­lu laphaya ekhomba ehlathini eBuhleni.

Kwaziswa inkosi yesizwe ngale ndaba yabe isithi ngeke iphikise uNkulunkul­u akwakhiwe hhayi ukuthi yavele yasuka nje yayobeka iNyangayez­ulu.

INyangayez­ulu yayingadin­ge kubekwa ngoba yayinomuzi wayo omuhle eNanda okuthiwa yiseNgqayi­zivele. Angikuyeke-ke okomuzi waseKuphak­ameni elithe iJaji nakuwo uMqaliwend­lela wabekwa yinkosi yamaQadi. Lithe futhi leli ibandla lamaNazare­tha elesintu. Uyihlazo lo mlando weJaji ngoba wedukisa izingane. Kusobala ukuthi alilwenzan­ga ucwaningo olwanele ngaphambi kokukhulum­a le nto elayikhulu­ma. Dumisani Mgabhazi EMPANGENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa