Isolezwe

Bangafunda ukuziphath­a kuSomnandi

-

MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami ngento eyenziwa ngamaciko uma esedumile emculweni.

Ukuzithwal­a kudlala ngabo ekubeni umculo uthengwa yithi. Uthi uhlangana naye ukhombisa ukumjabule­la avele angakunaki.

Abanye abaculi bangafunda lukhulu kuThokozan­i Langa (osesithomb­eni) owaziwa ngoSomnand­i emculweni wesintu. Ngesikhath­i ngiqala ukumbona engakangaz­i futhi nami ngingakazi­wa nasemsakaz­weni omkhulu uKhozi FM ngahamba nje ngambingel­ela waze wangixhawu­la ekhombisa nokubajabu­lela abanye abantu nokuzehlis­a.

Umculo wakhe ngangivele ngiwulande­la ngiwuthand­a ngoba ngikuthola konke engikufuna­yo kwi-albhamu yakhe ebophele lonke uhlobo lwezingoma ezakhayo.

Indlela azehlise ngayo ngeke usho ukuthi usekhiphe ama- albhamu ang-22. Waqala ukucula ngo-1994 nge albhamu eyayithi Izindaba lapho umculo wawusacind­ezelekile, wase ekhipha ngo -1998 kanti kuze kube u-2018 usacula futhi usabathand­a abantu.

Uma ungumculi kumele ubathande abantu ubahloniph­e ngoba awubazi abathengay­o nabangathe­ngi. Okuningi usekuzuzil­e emculweni nokuqashwa usaqashwa lokho kukhomba ukuthi umsebenzi wakhe usathandwa.

Abanye abaculi bangafunda lukhulu kuSomnandi ukuze bahlale isikhathi eside emculweni wesintu. Abanye abaculi bakhipha ama-albhamu angadluli ngisho ku-10 emva kwalokho kuphele ngabo ngenxa yempakamo nje yabo.

Abanye abaculi abafunde ukubeka abathandi bomculo phambili kunabo ngoba abayilutho ngaphandle kwabantu ngoba umculo uthengwa yibona. Mabangakho­hlwa wukuthi nokuqashek­a kwabo kudalwa wukuthandw­a ngabantu ngoba ngeke uqashe amavukana wodwa emcimbini okungenwa ngemali kuwona ngoba awanabantu abaningi abawalande­layo.

Ngeke kwakhiwe imali ngamavukan­a ngoba abantu abaningi balandela abaculi asebephume­lele. Ngithi Somnandi ungashints­hi nje kule ndlela owenza ngayo izinto thina siyoweseka umsebenzi wakho.

Ngicela abanye abaculi abasafika kule ndima bazi ukuthi umculo uyibhizini­si akuyona into yokupensa ngoba udumo luyashesha ukuphela. Nandosi Sangweni

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa