Bangafunda ukuziphatha kuSomnandi
MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami ngento eyenziwa ngamaciko uma esedumile emculweni.
Ukuzithwala kudlala ngabo ekubeni umculo uthengwa yithi. Uthi uhlangana naye ukhombisa ukumjabulela avele angakunaki.
Abanye abaculi bangafunda lukhulu kuThokozani Langa (osesithombeni) owaziwa ngoSomnandi emculweni wesintu. Ngesikhathi ngiqala ukumbona engakangazi futhi nami ngingakaziwa nasemsakazweni omkhulu uKhozi FM ngahamba nje ngambingelela waze wangixhawula ekhombisa nokubajabulela abanye abantu nokuzehlisa.
Umculo wakhe ngangivele ngiwulandela ngiwuthanda ngoba ngikuthola konke engikufunayo kwi-albhamu yakhe ebophele lonke uhlobo lwezingoma ezakhayo.
Indlela azehlise ngayo ngeke usho ukuthi usekhiphe ama- albhamu ang-22. Waqala ukucula ngo-1994 nge albhamu eyayithi Izindaba lapho umculo wawusacindezelekile, wase ekhipha ngo -1998 kanti kuze kube u-2018 usacula futhi usabathanda abantu.
Uma ungumculi kumele ubathande abantu ubahloniphe ngoba awubazi abathengayo nabangathengi. Okuningi usekuzuzile emculweni nokuqashwa usaqashwa lokho kukhomba ukuthi umsebenzi wakhe usathandwa.
Abanye abaculi bangafunda lukhulu kuSomnandi ukuze bahlale isikhathi eside emculweni wesintu. Abanye abaculi bakhipha ama-albhamu angadluli ngisho ku-10 emva kwalokho kuphele ngabo ngenxa yempakamo nje yabo.
Abanye abaculi abafunde ukubeka abathandi bomculo phambili kunabo ngoba abayilutho ngaphandle kwabantu ngoba umculo uthengwa yibona. Mabangakhohlwa wukuthi nokuqasheka kwabo kudalwa wukuthandwa ngabantu ngoba ngeke uqashe amavukana wodwa emcimbini okungenwa ngemali kuwona ngoba awanabantu abaningi abawalandelayo.
Ngeke kwakhiwe imali ngamavukana ngoba abantu abaningi balandela abaculi asebephumelele. Ngithi Somnandi ungashintshi nje kule ndlela owenza ngayo izinto thina siyoweseka umsebenzi wakho.
Ngicela abanye abaculi abasafika kule ndima bazi ukuthi umculo uyibhizinisi akuyona into yokupensa ngoba udumo luyashesha ukuphela. Nandosi Sangweni