Utalajiwe umngani kathisha onyamalele
INDODA yaseJozini esoleka ekunyamalaleni kukathisha osekuphele inyanga engatholakali ishaywe yanaba ngamalungu omphakathi. Indoda, Isolezwe elinalo igama layo, kuthiwa ingumngani kaMnuz Xolani Mathenjwa, obefundisa eKuhlehleni Primary, owaduka ngoMashi 15.
Kuthiwa uMathenjwa wanyamalala eyohlangana nendoda abebezoya nayo eMozambique.
Umsolwa, oke waphonswa imibuzo ngamaphoyisa ngokunyamalala kukathisha, usesibhedlela emuva kokutalajwa wumphakathi ngesonto eledlule.
Lokhu kuqinisekiswe yinduna, uMnuz Roman Mathenjwa.
“Ayisekho imizamo esingasayenzanga ukuzama ukuthola uthisha kodwa akatholakali. Sike sazama njengomphakathi ukuzifunela yena kodwa akukho mkhondo olandelekayo,” kusho uMathenjwa.
Uthe othisha abazwelana nozakwabo onyamalele bahlongoza imashi ukucindeza amaphoyisa ukuthi alandele udaba.
Isolezwe liphinde lathola ngomunye umthombo ukuthi limashi ihlelelwe uLwesine kodwa kusalindwe ukuthi iphasiswe yizinhlaka ezifanele ukuze ibe semthethweni.
Egcina ukukhuluma nephephandaba osondelene nomndeni, uMnuz Thembeni Ntshangase, uthe bebelekelelwa wumphakathi ukuzama ukuthungatha uthisha. Izolo akatholakalanga ngoba ucingo lwakhe belungangeni. UMathenjwa wanyamalala esuka ekuHlehleni eyohlangana nomngani wakhe eMangwanga.
Kuthiwa umngani wakhe wathi wagcina ukukhuluma naye ocingweni emtshela ukuthi uyaduka.
Wazama ukuyomhlangabeza kodwa bangabonana.
Umphakathi nomndeni basola yena umngani ngokunyamalala kukathisha. Indawo anyamalala kuyo kuthiwa inamahlathi futhi iseduze nesiqiwi.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lokunyamalala komuntu esiteshini samaphoyisa eNdumo.
Uthe abanolwazi ngokunyamalala kukathisha bangathintana noCaptain Mngomezulu ku-071 678 2239 noma bashayele inombolo yeCrime Stop ethi:08600 10111.