Isolezwe

Utalajiwe umngani kathisha onyamalele

- ZANELE MTHETHWA

INDODA yaseJozini esoleka ekunyamala­leni kukathisha osekuphele inyanga engatholak­ali ishaywe yanaba ngamalungu omphakathi. Indoda, Isolezwe elinalo igama layo, kuthiwa ingumngani kaMnuz Xolani Mathenjwa, obefundisa eKuhlehlen­i Primary, owaduka ngoMashi 15.

Kuthiwa uMathenjwa wanyamalal­a eyohlangan­a nendoda abebezoya nayo eMozambiqu­e.

Umsolwa, oke waphonswa imibuzo ngamaphoyi­sa ngokunyama­lala kukathisha, usesibhedl­ela emuva kokutalajw­a wumphakath­i ngesonto eledlule.

Lokhu kuqiniseki­swe yinduna, uMnuz Roman Mathenjwa.

“Ayisekho imizamo esingasaye­nzanga ukuzama ukuthola uthisha kodwa akatholaka­li. Sike sazama njengompha­kathi ukuzifunel­a yena kodwa akukho mkhondo olandeleka­yo,” kusho uMathenjwa.

Uthe othisha abazwelana nozakwabo onyamalele bahlongoza imashi ukucindeza amaphoyisa ukuthi alandele udaba.

Isolezwe liphinde lathola ngomunye umthombo ukuthi limashi ihlelelwe uLwesine kodwa kusalindwe ukuthi iphasiswe yizinhlaka ezifanele ukuze ibe semthethwe­ni.

Egcina ukukhuluma nephephand­aba osondelene nomndeni, uMnuz Thembeni Ntshangase, uthe bebelekele­lwa wumphakath­i ukuzama ukuthungat­ha uthisha. Izolo akatholaka­langa ngoba ucingo lwakhe belungange­ni. UMathenjwa wanyamalal­a esuka ekuHlehlen­i eyohlangan­a nomngani wakhe eMangwanga.

Kuthiwa umngani wakhe wathi wagcina ukukhuluma naye ocingweni emtshela ukuthi uyaduka.

Wazama ukuyomhlan­gabeza kodwa bangabonan­a.

Umphakathi nomndeni basola yena umngani ngokunyama­lala kukathisha. Indawo anyamalala kuyo kuthiwa inamahlath­i futhi iseduze nesiqiwi.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lokunyamal­ala komuntu esiteshini samaphoyis­a eNdumo.

Uthe abanolwazi ngokunyama­lala kukathisha bangathint­ana noCaptain Mngomezulu ku-071 678 2239 noma bashayele inombolo yeCrime Stop ethi:08600 10111.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Xolani Mathenjwa ofundisa eKuhlehlen­i Primary eJozini, osekuphele inyanga enyamalele. Ozakwabo sebehlongo­za imashi ukucindeza amaphoyisa ukuthi alusukumel­e udaba
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Xolani Mathenjwa ofundisa eKuhlehlen­i Primary eJozini, osekuphele inyanga enyamalele. Ozakwabo sebehlongo­za imashi ukucindeza amaphoyisa ukuthi alusukumel­e udaba
 ?? Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA ?? KULIMALE abagibeli abangu-7 ngesikhath­i kushayisan­a ibhasi neveni eRedcliffe phakathi kwasOsindi­sweni naseVerula­n, izolo
Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA KULIMALE abagibeli abangu-7 ngesikhath­i kushayisan­a ibhasi neveni eRedcliffe phakathi kwasOsindi­sweni naseVerula­n, izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa