Kulimale abangu-7 kushayisana iveni nebhasi
ZIMKHALELE umshayeli weveni elishayisane nebhasi kwalimala abantu abayisikhombisa, eRedcliffe, phakathi kwasOsindisweni naseVerulam, izolo.
Umshayeli, okusolwa ukuthi ubedle amanzi amponjwana, kuvele ukuthi ubehamba ngeveni yomsebenzi okuthiwa ibihamba ngesivinini esiphezulu okuphethe ngokuthi ishiye imzila wayo iziphonse ebhasini ebizophambana nayo.
Kuthiwa iphume emzileni wayo yahamba emzileni obuhamba ibhasi, yayishayisa maqede yaphaphalaza.
Abagibeli abebesebhasini balimale ngesikhathi iphaphalaza iyophonseka ehlathini eliseduze komgwaqo.
UMnuz Prem Balram, wakwaReaction Unit South Africa, uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko bafice ibhasi isiphumile emgwaqweni yaphonseka ezihlahleni.
Uthe umshayeli weveni ubehamba nabesifazane ababili emotweni kodwa abalimalanga kule ngozi.
“Abagibeli abebesebhasini yibona abebelimele, baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe indoda enemiyaka ewu-35 ngecala lokushayela iphuzile nokushayela budedengu.
“Ngokombiko osemaphoyiseni, umshayeli weveni ubehamba emzileni ophambana nalowo obuhamba ibhasi, imoto abeyishayela ishiye umzila wayo yayoshayisa ibhasi kwalimala abagibeli. Abagibeli abalimele baphuthunyiswe esibhedlela Osindisweni,” kusho uColonel Mbele.
Uthe umshayeli kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eVerulam namhlanje.