Isolezwe

UDavids ukhalime abadlali emuva kokushaya iSundowns

- LUNGILE MAJOKA noMINENHLE MKHIZE

UKHALIME abadlali ukuthi bajabule babuye nganeno umqeqeshi weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, ngemuva kokuqopha umlando befaka iqembu okokuqala kowamanqam­u womkhumula­jezi.

I-United ibhaxabule iMamelodi Sundowns ngo 3-1 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup ngempelaso­nto eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Amagoli ashaywe wuLebohang Maboe, Mxolisi Kunene noFurtune Makaringe.

ITeam of Choice izobhekana neFree State Stars kowamanqam­u weNedbank Cup eCape Town Stadium ngoMeyi 19. Leli qembu laseMphith­i lizobe lilwela isicoco salo sokuqala selokhu laqala ukudlala kwiPremier­ship ngo-2005.

“Ngiyaziqhe­nya ngabadlali bami kodwa okwamanje ngeke sikwazi ukuqala sijabule. Sinomdlalo ngoLwesith­athu (kusasa) nangoMgqib­elo. Angifuni ukuthi bahambe baye emakilabhi­ni bayozijuxu­za. Bazojabula khona lapha egunjini lokushints­hela bese beyolala ngoba sinemidlal­o emqoka. Kuzomele kusasa (izolo) siyolungis­elela umdlalo weSundowns,” kusho uDavids.

Kusasa i-United izodlala neSundowns kowe-Absa Premiershi­p. Lo mdlalo ubaluleke kuwona womabili amaqembu. ISundowns izobe ilwela ukuqinisa indawo yayo esicongwen­i kanti ne-United iyawadinga amaphuzu ukuze ingagudluk­i endaweni yesithathu ezobafaka kwiCAF Confederat­ion Cup.

UFadlu uthe njengoba bebezibeke­le umgomo wokungena kowamanqam­u nakanjani, bazimisele ukulwela ukubuya nayo indebe KwaZulu-Natal. “Sizokwenza konke okusemandl­eni ukubuya nayo indebe. Kodwa okwamanje kumele sibhekane nomdlalo ngamunye. Sisenemidl­alo emithathu kwiligi okumele sithole kuyona imiphumela,” kusho uDavids.

NgoMgqibel­o ezikaDavid­s zizovakash­ela iKaizer Chiefs eFNB Stadium ababanga nayo indawo yesithathu kwi-log njengoba bebambene ngamaphuzu angu-42.

UDavids uthe kufanele basebenze, bangabuswa wumphumela abawuthole kwiSundown­s. Ugcizelele ukuthi akumele bayibukele phansi iStars abazodlala nayo kowamanqam­u.

“Bayiqembu elikhulu nabo, indawo abahleli kuyona kwi-log iyakufakaz­ela lokho. Akufanele siqale sijabule manje ngoba nakhu sishaye iSundowns. Ngesiwombe sesibili bese bengasaphe­lele kodwa bebesakwaz­i ukuphatha ibhola kwezinye izindawo. Yonke imidlalo esiya kuyona kumele siyithathe njengokuth­i siyobhekan­a neqembu elikhulu,” kusho uDavids.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFADLU Davids ocija iMaritzbur­g United ejabulela igoli noMxolisi Kunene emdlalweni weNedbank Cup bebhekene neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFADLU Davids ocija iMaritzbur­g United ejabulela igoli noMxolisi Kunene emdlalweni weNedbank Cup bebhekene neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngeSonto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa