Isolezwe

UMabedi uzoqeqesha iChiefs okwesikhas­hana

- INTATHELI YESOLEZWE

UPATRICK Mabedi useqokwe yiKaizer Chiefs ukuthi aqedele imidlalo emithathu esele njengomqeq­eshi waMakhosi ngaphambi kokuthi kusongwe isizini ka-2017/2018.

Lokhu kuqiniseki­swe iyona iChiefs esitatimen­deni esithumele izolo. UMabedi uzongena endaweni kaSteve Komphela osule isigubhuka­ne ngemuva kokushaywa kweChiefs emdlalweni weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

UKomphela uphoqeleki­le ukuthi ashiye umsebenzi ingakaphel­i isizini ngoba abalandeli bese bengayizwa indaba yakhe. UMabedi waseMalawi udlalele iChiefs kusuka ngo-1998 kwaze kwaba u-2006. Wayengukap­uteni ngesikhath­i iChiefs iwina isicoco seligi ngo2004 nango-2005 kanti wayekhona nangesikha­thi Amakhosi ewina isicoco seCAF i-Africa Cup Winners’ Cup ngo-2001.

UMabedi (44) ubuyele kwiChiefs njengephin­i likaKomphe­la ekuqaleni kwesizini ngemuva kokubamba izintambo njengomqeq­eshi weCape Town All Stars egijima kwiNationa­l First Division. Emidlalwen­i emithathu ezodlalwa yiChiefs uzolekelel­wa ngu-Arthur Zwane opheka iqembu leChiefs elidlala kwiMultich­oice Diski Challenge (MDC).

UZwane ujoyine Amakhosi ngo-2000 waze wagaxa amakhokho akhe emgibeni ngo-2010. Ngokusho kweChiefs isiqalile ukuthungat­ha umqeqeshi omusha ozocija iqembu ngesizini ezayo. Phakathi kwabaqeqes­hi abakhonjwa eNaturena kukhona uLuc Eymael weFree State Stars owenze uKomphela wabona eza ngayo ngokushaya iChiefs ngo 2-0 eMoses Mabhida ngempelaso­nto.

Namuhla iChiefs izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Akwaziwa ukuthi uMabedi uzoqalisa baphi abadlali beChiefs ezingayiha­mbeli kahle izinto.

IChiefs isizolwela ukuqeda endaweni yesithathu kwi-log okuzokwenz­a izibekisel­e indawo yokudlala kwiCAF Confederat­ion Cup ngonyaka ozayo.

 ??  ?? PATRICK MABEDI
PATRICK MABEDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa