UKomphela akaboni ehlulwe wumsebenzi kwiKaizer Chiefs
AKAZIBONI njengomuntu ohlulwe wumsebenzi uSteve “Mphathi” Komphela, osule ekubeni wumqeqeshi weKaizer Chiefs ngempelasonto.
UKomphela wehle esigqikini ngemuva kokuhlulwa yiFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni we-semi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
Lo mqeqeshi usula nje inkontileka abenayo yamasizini amathathu ibiphela ngoJuni. Ngemuva komdlalo abalandeli baMakhosi bangene enkundleni balimaza impahla, bashaya nonogada abebezama ukubhula umlilo.
Lesi senzo sobulwane nobudlova yisona esenze uKomphela wathatha isunqumo sokwesula emsebenzini ethi akafuni kuqhubeke udlame egameni lakhe.
Ebuzwa ngabezindaba ukuthi ngabe ubona ukuthi ubamele kahle yini abaqeqeshi bakuleli, uthe akaboni ehlulekile. Ngesikhathi iChiefs iqasha uKomphela beyinakashelwa ngokuthi ayikholelwa kubaqeqeshi abawumsinsi wokuzimilela kuleli njengoba ibibheka kwabaphesheya kwezilwandle.
Ngaphansi kukaKomphela iqembu alizange linqobe ngisho neyodwa indebe. Ligcine ukunqoba kusaqeqesha uStuart Baxter waseScotland osepheka iBafana Bafana.
“Ngicabanga ukuthi uma ubheka imiphumela ungasho ukuthi ngihlulekile. Kodwa ngokohlelo ebesinalo ngicabanga ukuthi lokhu kumele ngikusho ngokuzithoba ukuthi ikusasa yilona elizongifakazela. Kunzima ukunqoba izicoco uma wakha kabusha kodwa uma labo badlali sebeqala ukwenza kahle, uzobheka (ezisho yena) emuva usho ukuthi kwakuhle okwenzekayo futhi lobu wubuso engibaziyo. Uma ngibheka uhlelo ngingasho ngokungasabi ukuthi ngikwenzile obekufanele kodwa ke ngokwemiphumelangingasho ukuthi lapho angizange ngizuze,” kusho uKomphela.
Abadlali akhuluma ngabo uKomphela abafike bagqama kuqeqesha yena uWiseman Meyiwa, Siyabonga Ngezana, Teenage Hadebe, Ryan Moon noSiphosakhe Ntiya-Ntiya abangabhekwa ukuthwala iChiefs kumasizini ezayo.
Kodwa lokho bangakwenza uma bezoba sezinhlelweni zomqeqeshi ozothatha izintambo emuva kukaKomphela.
UPatrick Mabedi, obeyiphini likaMphathi, nguyena ozohlala ebhentshini namuhla uma iChiefs isidlala neLamontville Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiership. Umdlalo usePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngo7.30 ebusuku. Kubalulekile ukuthi iChiefs iwunqobe ukuze izame ukunyukela endaweni yesithathu kwi-log nokuzoyifaka kwiCaf Confederations Cup yangonyaka ozayo.