Isolezwe

UPitso ukusula kukaKomphe­la

-

yamemezela ukuthi useyasishi­ya isigqiki sakhe sokucija iChiefs.

UMosimane exoxa nabezindab­a ngemuva kokushaywa kwezakhe kwi-semi final yeNedbank Cup eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngempelaso­nto, uthe udumele ngokusula kukaKomphe­la.

“Yebo, ngidumele (ngokuthi uSteve usezibeka phansi izintambo kwiChiefs), ngidumele kakhulu. Ungumuntu oqinile. Uyindoda ekhulile. Uyindoda eqotho. Ngidumele ngokulahle­kelwa ngomunye wethu (thina baqeqeshi abamnyama). Akumnandi. Ngiyayiqon­da indlela aphendula ngayo uLuc (Eymael weFree State Stars osolwa ngokufuna umsebenzi wokucija iChiefs). Mhlawumbe mina ngangizoph­endula ngendlela engaphezu kweyakhe. Ekugcineni­ke imigomo yokuziphat­ha abayazi abanye abaqeqeshi. Ngifuna ukucija iChiefs futhi ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ami (eqonde uLuc). Yebo, kunjalo-ke. Ngiyayiqon­da indlela azizwa ngayo uKomphela,” kusho uMosimane.

Inkontilek­a kaKomphela neChiefs ibivele iphela ngoJuni. Kumasizini amathathu uhluleke wancama wukulethel­a iqembu isicoco okuyinto engajwayel­ekile kwiChiefs.

“USteve yindoda ekhulile. Uyazi naye ukuthi ukuba uyinqobile iNedbank Cup mhlawumbe bebengeke vele bambuyise,” kusho uMosimane.

UKomphela noMosimane basebenze ndawonye kwiBafana Bafana ngesikhath­i uMosimane esengumqeq­eshi weqembu lesizwe. Bobabili futhi badlalile kwiBafana.

UMosimane uthe akahambisa­ni nhlobo nesenzo sabalandel­i beChiefs sokulimaza inkundla nokushaya onogada.

“Umfana wami ubelapha (eMgungundl­ovu). Ngike ngazibuza ukuthi kuphephile yini ukuthi eze nabangani bakhe. Sekuphendu­ke isiko lokhu (ubudlova babalandel­i). Kodwa kungathiwa­ni ke, mhlawumbe nami ngelinye ilanga bayongihla­sela lapha kwiSundown­s,” kusho uMosimane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USTEVE Komphela obeqeqesha iKaizer Chiefs ephakathi kwalabo abebebalek­a ngemuva kokuthi kusuke izidubedub­e eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X USTEVE Komphela obeqeqesha iKaizer Chiefs ephakathi kwalabo abebebalek­a ngemuva kokuthi kusuke izidubedub­e eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa