Isolezwe

‘Bonke abadlali abashaye amagoli’

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weSuperSpo­rt United, uKaitano Tembo, uphonsele inselelo abadlali beqembu ukuthi bonke kube wumsebenzi wabo ukushaya amagoli ukuze badlule esimeni ababhekene naso.

ISuperSpor­t ikhishwe emqhudelwa­neni iCAF Confederat­ion Cup yiGor Mahia yaseKenya eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesith­athu olwedlule. Amatsatsan­tsa awine umdlalo ngo 2-1 kodwa iGor Mahia yadlulela esigabeni samaqoqo ngenxa yokuthi ishaye igoli ekuhambeni nokwenze ukuthi kugcine kuwu 2-2 uma sekuhlanga­niswa imilenze yomibili.

Amagoli eSuperSpor­t kube wumkhonto ogwaze ekhaya wezivakash­i kwathi elinye lashaywa nguThabo Mnyamane osephenduk­e ithemba leqembu ekushaywen­i kwamagoli. ISuperSpor­t iwatholile amathuba okwehlula iGor Mahia ebikade ihaqwe yizinkinga ezicishe zaholela ekutheni ingafiki eMzansi kodwa yahluleka ukuwaseben­zisa. Ibikade iphumuze inqwaba yabadlali abajwayele ukubonakal­a okukhona kubona uRenielwe Letsholony­ane, Thuso Phala, Siyabonga Nhlapo, Clayton Daniels nabanye.

UTembo, osabambe izintambo kwiSuperSp­ort, uzwakalise ukuphoxeka ngokukhish­wa kwabo kwiConfede­ration Cup.

“Ngiphoxeki­le ngomphumel­a ngoba ngicabanga ukuthi sidlale kangcono kakhulu. Emuva kokushints­ha sidlale ngabadlali abathathu emuva, sakha amathuba amaningi. Besidinga inhlanhla encane ukushaya amagoli angaphezu kwamabili. Abadlali abasebanca­ne bazofunda emaphuthen­i abo, abafundi ngokuhlala ebhentshin­i kodwa kudingeka banikwe ithuba ngoba lokho kuyingxeny­e yokukhula kwabo,” kusho uTembo.

ISuperSpor­t ihlalelwe yijoka lokuzikhip­ha engcupheni yezembe kwi-Absa Premiershi­p ngoba ibalwa namaqembu angase azithole esegijima kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini ezayo. Isendaweni ka-14 kwi-log yePremiers­hip. Kungenzeka ukuthi yisona lesi simo esiphoqe iSuperSpor­t ukuthi iphonse abafana abancane koweCAF ukuze abanamava balungele umdlalo onzima weligi neFree State Stars eLucas Moripe Stadium kusasa ebusuku.

“Noma ngabe sidlulele phambili kwiCAF lo mdlalo ubungeke usiphazami­se koweligi ngoLwesith­athu. Sizoba nabadlali abaphumuli­le ngoLwesith­athu. Kuhlale kubaluleki­le ukwenza kahle ngaphambi komdlalo obalulekil­e nakuba singadlule­langa phambili. Kodwa umdlalo uzosinika ukuzethemb­a,” kusho uTembo.

“Kuhle ukuthi sishaye amagoli amabili kodwa lokho akusizi ngoba ashaywa ngumdlali oyedwa. Sidinga nabanye abadlali ukuthi bashaye amagoli. Lokhu kufanele kube wumsebenzi weqembu lonke, hhayi amagoli aqhamuke kumdlali oyedwa. Sinabadlal­i abangasish­ayela amagoli abafana no-Aubrey Modiba noThabo Mokoena. Kuhlale kunzima uma abadlali abajwayele ukushayela iqembu amagoli bebhokelwe yisomiso.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa