Isolezwe

Kulimale abangu-7 kushayisan­a iveni nebhasi

- PHILI MJOLI

ZIMKHALELE umshayeli weveni elishayisa­ne nebhasi kwalimala abantu abayisikho­mbisa, eRedcliffe, phakathi kwasOsindi­sweni naseVerula­m, izolo.

Umshayeli, okusolwa ukuthi ubedle amanzi amponjwana, kuvele ukuthi ubehamba ngeveni yomsebenzi okuthiwa ibihamba ngesivinin­i esiphezulu okuphethe ngokuthi ishiye imzila wayo iziphonse ebhasini ebizophamb­ana nayo.

Kuthiwa iphume emzileni wayo yahamba emzileni obuhamba ibhasi, yayishayis­a maqede yaphaphala­za.

Abagibeli abebesebha­sini balimale ngesikhath­i iphaphalaz­a iyophonsek­a ehlathini eliseduze komgwaqo.

UMnuz Prem Balram, wakwaReact­ion Unit South Africa, uthe ngesikhath­i befika endaweni yesigameko bafice ibhasi isiphumile emgwaqweni yaphonseka ezihlahlen­i.

Uthe umshayeli weveni ubehamba nabesifaza­ne ababili emotweni kodwa abalimalan­ga kule ngozi.

“Abagibeli abebesebha­sini yibona abebelimel­e, baphuthuny­iswe esibhedlel­a,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe indoda enemiyaka ewu-35 ngecala lokushayel­a iphuzile nokushayel­a budedengu.

“Ngokombiko osemaphoyi­seni, umshayeli weveni ubehamba emzileni ophambana nalowo obuhamba ibhasi, imoto abeyishaye­la ishiye umzila wayo yayoshayis­a ibhasi kwalimala abagibeli. Abagibeli abalimele baphuthuny­iswe esibhedlel­a Osindiswen­i,” kusho uColonel Mbele.

Uthe umshayeli kulindelek­e ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eVerulam namhlanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa