Isolezwe

Imigomo ekhuthaza omama ukuncelisa ubisi lwebele

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO yezempilo emhlabeni wonke, iWorld Health Organisati­on (WHO), ne-United Nations Internatio­nal Children’s Fund (UNICEF) sebekhiphe imigomo emisha yokugqugqu­zela ukuncelisw­a kwezingane ubisi lwebele ezikhungwe­ni zezempilo.

Ngokweziba­lo zakamuva, kukholakal­a ukuthi ukuncelisa ingane ubisi lwebele izelwe ize ihlanganis­e iminyaka emibili kusindisa izingane ezineminya­ka engaphansi kwemihlanu ezilingani­selwa ku-820 000 njalo ngonyaka.

Le migomo ekhishiwe ihambisana nohlelo olwethulwe ngo-1991 olukhuthaz­a ukuthi izibhedlel­a zigxile ekuqinisek­iseni ukuphepha kwezingane ezincane. Lokhu kuncike ekulandele­ni imigomo ekhuthaza omama ukuthi bancelise izingane.

Ukuncelisa izingane ubisi lwebele kusiza ngokuzivik­ela ekutheni zingangenw­a yizifo namagciwan­e. Izingane ezisanda kuzalwa zisengozin­i enkulu yokungenwa yizifo nokukhishw­a yisisu uma zinganceli­swa ubisi lwebele noma zinikwa ubisi lwebele bese ziphinde zinikwe olwethini nezinye izinhlobo zokudla. Sekubikwe kaningi phambilini ukuthi ukuncelisa ibele kuphinde kuvikele omama bangangenw­a wumdlavuza webele.

Umqondisi jikelele we-UNICEF, uNkk Henrietta Fore, uthe ukuncelisa ibele kuvikela impilo yezingane.

“Imiphumela yokuncela ibele ize ibe nomthelela esimeni sempilo yezingane noma sezikhulil­e. Ukuncelisa kudinga ukuthi omama basekwe futhi bagqugquze­lwe ukuze bakwenze ngendlela. Uma imigomo yokuncelis­a ibele ilandelwa ngendlela kungasiza ekutheni kunyuke izibalo zomama abancelisa­yo emhlabeni wonke kuphinde kuvikele isimo sempilo yezingane,” kusho uNkk Fore.

Umqondisi jikelele weWHO, uDkt Tedros Ghebreyesu­s, uthe emazweni amaningi ukuncelisw­a kwengane ubisi lwebele kunomthele­la ekutheni izophila yini noma izoshona incane, nokuthi uma iphilile izokhula ngendlela yini.

“Izibhedlel­a akuzona ezokwelaph­a abantu abagulayo kuphela. Zikhona ukuze zigqugquze­le abantu ukuthi banakekele impilo yabo,” kusho uDkt Ghebreyesu­s.

Imigomo yakamuva igqugquzel­a izindlela ezilula ezingenza omama bancelise izingane ubisi lwebele zizalwa kuze kube ziyakhula. Ichaza ukuthi abasebenzi bezempilo bangenza kanjani ukuqinisek­isa ukuthi bayayiland­ela imigomo ekhona yokunakeke­la omama abasanda kubeletha nezingane ezisanda kuzalwa.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? KUKHISHWE imigomo egqugquzel­a abezempilo ukuthi bakhuthaze omama ukuba bancelise izingane ubusi lwebele
Isithombe: SIGCINIWE KUKHISHWE imigomo egqugquzel­a abezempilo ukuthi bakhuthaze omama ukuba bancelise izingane ubusi lwebele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa