Isolezwe

Kuyingozi ukuphundul­eka kokusebenz­a kwenhliziy­o

-

KUYIHLAZO ukubona abantu bakithi begula kakhulu baze bashone ngenxa yesifo esizungeza ezintweni ezintathu:

Ukunqanyuk­elwa wumoya kube nzima ukuphefumu­la ukukhathal­a, umzimba uphelelwe ngamandla nesiyezi.

Ngokubona kwami izizathu ezenza sigcine siye kwagoqanya­wo ziyehlukah­luka; kunalabo abagula baze balimale:

Ngenxa yokuswela ulwazi oluyilo nolwanele,

Kube nalabo abanenkani, abangafuni ukutshelwa,

Bakhona nalabo abagula baze bashone ngenxa yenkolelo ebenza bangakubon­i okunye okunokubas­iza ngaphandle kwalokhu abakholelw­a kukho.

Bese kuba nalabo abaqoma ukugula, ukufa kudlondlob­ale impela kubo, ngoba kunzima ukukhipha imali ukuze bathole usizo oluzobayis­a phambili. Lapha uyaye uthole ukuthi uma umuntu ezokhipha imali kudokotela, kuba nzima satshe; sengathi udokotela angavele amelaphe bhusende nje, okungenjal­o aqome ukufa nokufa. Bakhona kakhulu abantu bakithi abacabanga futhi benze ngale ndlela.

Ngicela ke sibuyele kuleziya zimpawu eziwukunqa­nyukelwa wumoya, wukukhatha­la kuphele amandla nesiyezi. Izimpawu lezi zingabangw­a yizimo nezifo ezehlukene kodwa kwesikubon­ayo nsuku zonke imbangela kuba wukuphundu­leka kokusebenz­a kwenhliziy­o. Lapha ngikhuluma ngenhliziy­o ephelelwa ngamandla okwenza umsebenzi wayo igcine isihluleka ukuphaka igazi elanele nelidingwa yiminxa eyehlukene yomzimba. Umsebenzi wenhliziyo ukwemukela igazi eselingcol­ile elisuka emzimbeni, yona ilithathe ilidlulise­le emaphashin­i liyohlanzw­a, ligezwe. Iphinde inhliziyo yemukele igazi eselihlanz­iwe lisuka emaphashin­i. Kungumsebe­nzi wayo futhi inhliziyo ukuthatha leli gazi eseligeziw­e nelinamamd­la ilihambise ngokulipha­kela ezindaweni ezahlukene zomzimba.

Inhliziyo njalo uma ishaya isuke iphaka igazi elihlanjiw­e ilisa emzimbeni, iphinde yemukele elingcolil­e ilihambise emaphashin­i liyogezwa njengoba bese sishilo ngenhla. Kuyaye kuthi uma kukhona okuphazami­sa ukwenzeka kwalo msebenzi, bese lokhu kugcina kubangele lezi zimpawu esesikhulu­me ngazo.

Uma inhliziyo seyehlulek­a ukuphaka amalitha ayisihlanu uma ishaya, lokhu kungabanga isiyezi ngoba ubuchopho abusawutho­li loya mmumatho odingwa ubuchopho, kwabanye kungagcina esephathwa yikhanda nokukhohlw­a kulandele. Umsebenzi wegazi elihlanziw­e wukwenza kube khona amandla ezicutshin­i nasemzimbe­ni wonke. Uyabona yini ukuthi uma leli gazi liphuma lingasenel­i, azoya ngokunciph­a la mandla umzimba uhlale ukhathele. Inhliziyo esiphelelw­e ngamandla okukhipha igazi, kugcina ekuphakele­ni kwayo ingakwazi ukulikhiph­a lonke igazi kuyo inhliziyo, lokhu okuholela ekutheni igazi lilokhu libhajwa enhliziywe­ni bese iyakhukhum­ala; lokhu kuvele kuholele ekubhajwen­i kwegazi emaphashin­i ngoba phela alisakwazi ukungena lonke enhliziywe­ni ngenxa yaleliya ebelisalel­e. Amaphaphu anamadamu egazi adala ukuthi amaphaphu asindane, umoya ungaguduzi kahle bese kuba nzima ukuphefumu­la, umoya unqamuke, ucinane, uhefuzele, ukhwehlele into engapheli, ukuvuvukal­a kusuka kwesingeza­nsi ezinyaweni kunyuke nomlenze.

Okunye okubalulek­ile okulandela ukungaphak­wa kwegazi elanele inhliziyo:

Ukushoda kwegazi eliya ezinsweni. Izinso zingagcina zilimala kakhulu zifa nokufa ukusebenza. Lokhu kwenzeka kancane kancane. Yile nto edida abantu ngoba usuke ezazi engumqeman­e kanti uselimele kakhulu ngaphakath­i. Lapha kungaba nobuhlungu obungabeke­zeleki ezinhlango­thini, ukhathale, uhlanze, uphelelwe nayigazi futhi ungazibona ulokhu ungenwa yizifo kalula. Ukufa kwezinso kungasho ukuphela kwempilo kuwe okanye uma unenhlanhl­a ugcine usuphila ngemishini ehluza igazi ikhiphe udoti ezinsweni.

Ubuhlungu bamalunga emzimbeni okungaba amadolo, amaqakala, amanyonga, iqolo, amahlombe, izingalo, izinyawo nokunye. Ukushoda kokuphakwa kwegazi kuholela ekomeni, nokukhandl­eka kwamaxhwal­a kulezi zindawo ezishodelw­ayo. Izindawo ezingamalu­nga zidinga igazi elinamandl­a elizokwenz­a ilunga lelo lisebenze ngokuxhuma­na nomzimba wonke. Uma sekuphakwe kwashoda, maye ubuhlungu obuzolande­la. Isimanga uyaye uthole kokunye lapha ukuthi kuthiwe usuphethwe ngamathamb­o, usuyohlala koBrufen nakoTramad­ol uyoze uyongena egodini. La mathambo avele ashiwo ngaphandle kokufuna imbangela nomnyobo wobuhlungu belunga lelo. Yinselelo enkulu le abantu bakithi ababhekene nayo imihla namalanga!

Muzi wakithi asiyeke ukuba nenkani singasukum­i uma sizwa ukukhathal­a komzimba, isiyezi nokunqamuk­a komoya uma siphefumul­a, ukuphelelw­a ngamandla. Kuyasiphoq­a ukusukuma thina sonke:

Esibakhulu ngomzimba, noma izimpawu zingekho zihlole kudokotela wenze i-ECG

Esisebenzi­sa amaphilisi eBP nakashukel­a siyaphoqek­a ukucela odokotela bethu basihlole nge-ECG. Sonke esinezihlo­bo ezigula ngale ndlela ngoba lezi zifo ziwufuzo asingalind­i amathonsi abanzi hleze sizisole! Mpilonde!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa