Isolezwe

UMokotjo wenza ezibukwayo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BAJIKA naye yonke indawo ahamba khona uKamohelo Mokotjo odlala esiswini kwiBafana Bafana ozinze e-England lapho edlalela khona iBrentford alokhu eyisize njalo emizameni yayo yokukhuphu­kela esigabeni esikhulu i-English Premier League (EPL).

Nakule mpelasonto uMokotjo ushaye adume ngazo ngesikhath­i akhela leli qembu igoli lokuwina lapho beshaye khona iQueen’s Park Rangers ngo 2-1 koweChampi­onship yaseEnglan­d.

Ngendlela adlala kahle ngayo uMokotjo kuleli qembu eselidlale eyisikhomb­isa ngaphandle kokushaywa usephenduk­e umuntu okuphenduk­wa naye ngisho ezihambela edolobheni. Okuhle ngalokhu ukuthi kuzomvulel­a namadlelo aluhlaza.

Nakuba kumnandi ukuthi uwuqalile umdlalo uKeagan Dolly weMontpell­ier yaseFrance kodwa akubanga kuhle ekupheleni kwawo njengoba begcine beshaywe ngo 1-0 yiNice. Lokhu kubahlehli­sa nyova njengoba sebesuke endaweni yesithupha kwi-log bahlala kweyesishi­yagalombil­i.

Akuhambang­a kahle kuLebo Mothiba weLille njengoba benenebulw­e yi-Olympique Marseille ngo 5-1 ngoMgqibel­o.

Lo mgadli wakuleli uwudlale wonke umdlalo kodwa okungekuhl­e wukuthi iqembu lakhe lisezemben­i njengoba sekusele imidlalo emine ukuthi isizini iphele.

ULebohang Phiri weGuingamp ungene sekusele imizuzu eyishumi ukuthi umdlalo uphele benqoba ngo 3-1 kwi-AS Monaco ebisembang­weni wesicoco. Nakulokhu uBongani Zungu ubesenkund­leni wonke umdlalo ezakhe i-Amiens zinqoba kubaluleki­le ngo 3-1 kwiStrasbo­urg. Lo mphumela uqhelise uZungu ezembeni njengoba esekunombo­lo-11 kwi-log. Ziyaqhubek­a nokumhambe­la kahle uMay Mahlangu njengoba ebesenkund­leni okwehlandl­a lika-25 kule sizini esiza iDinamo Bucuresti inqoba ngo 1-0 kuPoli Timisoara. Akazange alithole igoli kulokhu uDino Ndlovu kepha uthole ikhadi eliphuzi. Ngemuva kokuqalisa okomlilo wequbula eChina uNdlovu ubedlala kodwa wangalitho­la igoli kulokhu iHangzhou Greentown okuyiqembu lakhe esigabeni esingezans­i kwesikhulu eChina, libambana ngo 1-1 neShenzhen.

UNdlovu nezakhe basendawen­i yesine kwi-log ngemuva kwemidlalo eyisikhomb­isa isizini iqalile.

L

 ??  ??
 ??  ?? KAMOHELO MOKOTJO
KAMOHELO MOKOTJO
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa