Isolezwe

‘Angisenayo ingcindezi yezembe’

- MINENHLE MKHIZE

UVUMA ukwehla kwengcinde­zi yokubaleke­la izembe umqeqeshi weRoyal Eagles, uRoger Sikhakhane, egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Ngempelaso­nto i-Eagles ibuye namaphuzu amqoka eKapa ithela othulini Ubuntu Cape Town ngo 1-0 emdlalweni weligi. Amaphuzu amathathu abeke i-Eagles endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-32 emidlalwen­i ewu-28.

Njengamanj­e i-Eagles isihlukani­swe ngamaphuzu amane neRichards Bay FC eyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni kwi-log.

USikhakhan­e, ofike eqenjini izinto zibhimba, uthe abakaphumi otakwini. “Kodwa asisenayo ingcindezi. Amaphuzu esiwathole eKapa amqoka kakhulu ngoba Ubuntu bekumele sizibambel­e bona mathupha. Kodwa ngeke ngithi sesisukile ezembeni. Kusamele sisebenze kule midlalo esele kodwa ingcindezi ayisekho kakhulu kithina.”

NgeSonto ngo-3 ntambama i-Eagles izodudulan­a neCape Town All Stars emdlalweni weligi eParow Park.

“Sibheke amaphuzu amathathu kuyona yomibili imidlalo esele. Ngeke ngithi sizoyela iphuzu eKapa. Sifuna amaphuzu amathathu,” kusho uSikhakhan­e.

USikhakhan­e, odle umhlangani­so neThanda Royal Zulu ngesizini edlule, ufike wenza i-Eagles yaphenduka iqembu elehlukile. “Vele uma ungumqeqes­hi ufika eqenjini elisha kumele ubonakale umehluko. Ngeneme ngendlela abadlali abasheshe babamba ngayo indlela engifuna senze ngayo izinto. Sizoqhubek­a nokusebenz­a kuze kuphele isizini.”

IRichards Bay FC yiqembu laKwa-Zulu-Natal elilengela ezembeni. Inamaphuzu awu-28 emidlalwen­i ewu-28. Ihlukanisw­e yiphuzu noBuntu Cape Town. NgeSonto ngo-3 ntambama izotholana noBuntu eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, emdlalweni omqoka. UThongathi luyibambe endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-31.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa