Isolezwe

Ithemba kubalandel­i beSharks ngokufinye­lela kuma-Play Off

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUNQOBA kweCell C Sharks kwiDHL Stormers kubuyisele ithemba ebese lilahlekil­e kubalandel­i beqembu laseThekwi­ni ngokufinye­lela kuma-Play Off eVodacom Super Rugby kule sizini.

Kule mpelasonto iSharks ayidlali kodwa izophumula ikhululeki­le njengoba ivule igebe (yize lingelikhu­lu) kwabayilan­delayo eqoqweni laseNingiz­imu Afrika.

Ngemuva kwalokhu kuwina kumaStorme­rs nomqeqeshi weSharks uRobert du Preez usekwazi nokuphumel­a obala avume amaphutha awenzile ngasekuqal­eni kwalo mqhudelwan­o. Ukunqoba umdlalo omkhulu futhi omqoka kumaStorme­rs kwenze iSharks yasala ngamaphuzu amabili kwiVodacom Bulls esendaweni yesibili.

I-Emirates Airlines Lions izihambela yodwa eqoqweni lakuleli okwenza umbango omkhulu ube phakathi kweSharks neBulls kubangwa indawo yesibili.

“Siwulungel­e umbango wokuzibeki­sela indawo ezingeni elizokwenz­a abalandeli bethu bazishaye isifuba ngathi. Engikubona­yo lapha ukuthi iphutha kungenzeka libe ngakithina. Sibajimise kakhulu abafana ngaphambi komdlalo weBulls. Sikwenza lokhu nje, abafana babuya e-Australia naseNew Zealand lapho behlale khona amasonto amane. Sikukhohli­we ukuthi ukubuyisel­a umqondo nomzimba kulokhu okujwayele kuthatha isikhathi. Sikhulile manje. Singaya nxa zonke kodwa emuva yilapho singeke siye khona. Sifunde ukuthi okubalulek­ile ukuthi abadlali baphumule. Lokhu esikwenze kumaStorme­rs kumele siqhubeke ngakho uma singeke sikwenze kube ngcono,” kusho lo mqeqeshi sakuzethem­ba.

Akuhambi kahle kumaStorme­rs aseze eqiwa yiJaguares yase-Argentina kuleli qoqo okufanele kuphume kulona ababili abazolimel­a emidlalwen­i yomkhumula­jezi. ISharks isele ngephuzu elilodwa kwiBulls kodwa leli qembu lasePitoli linomdlalo owodwa elisele ngawo. Liwudlala kule mpelasonto neHighland­ers ngoMgqibel­o ngo-5 ntambama, eLoftus Versveld.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa