UMokotjo wenza ezibukwayo
BAJIKA naye yonke indawo ahamba khona uKamohelo Mokotjo odlala esiswini kwiBafana Bafana ozinze e-England lapho edlalela khona iBrentford alokhu eyisize njalo emizameni yayo yokukhuphukela esigabeni esikhulu i-English Premier League (EPL).
Nakule mpelasonto uMokotjo ushaye adume ngazo ngesikhathi akhela leli qembu igoli lokuwina lapho beshaye khona iQueen’s Park Rangers ngo 2-1 koweChampionship yaseEngland.
Ngendlela adlala kahle ngayo uMokotjo kuleli qembu eselidlale eyisikhombisa ngaphandle kokushaywa usephenduke umuntu okuphendukwa naye ngisho ezihambela edolobheni. Okuhle ngalokhu ukuthi kuzomvulela namadlelo aluhlaza.
Nakuba kumnandi ukuthi uwuqalile umdlalo uKeagan Dolly weMontpellier yaseFrance kodwa akubanga kuhle ekupheleni kwawo njengoba begcine beshaywe ngo 1-0 yiNice. Lokhu kubahlehlisa nyova njengoba sebesuke endaweni yesithupha kwi-log bahlala kweyesishiyagalombili.
Akuhambanga kahle kuLebo Mothiba weLille njengoba benenebulwe yi-Olympique Marseille ngo 5-1 ngoMgqibelo.
Lo mgadli wakuleli uwudlale wonke umdlalo kodwa okungekuhle wukuthi iqembu lakhe lisezembeni njengoba sekusele imidlalo emine ukuthi isizini iphele.
ULebohang Phiri weGuingamp ungene sekusele imizuzu eyishumi ukuthi umdlalo uphele benqoba ngo 3-1 kwi-AS Monaco ebisembangweni wesicoco. Nakulokhu uBongani Zungu ubesenkundleni wonke umdlalo ezakhe i-Amiens zinqoba kubalulekile ngo 3-1 kwiStrasbourg. Lo mphumela uqhelise uZungu ezembeni njengoba esekunombolo-11 kwi-log. Ziyaqhubeka nokumhambela kahle uMay Mahlangu njengoba ebesenkundleni okwehlandla lika-25 kule sizini esiza iDinamo Bucuresti inqoba ngo 1-0 kuPoli Timisoara. Akazange alithole igoli kulokhu uDino Ndlovu kepha uthole ikhadi eliphuzi. Ngemuva kokuqalisa okomlilo wequbula eChina uNdlovu ubedlala kodwa wangalithola igoli kulokhu iHangzhou Greentown okuyiqembu lakhe esigabeni esingezansi kwesikhulu eChina, libambana ngo 1-1 neShenzhen.
UNdlovu nezakhe basendaweni yesine kwi-log ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa isizini iqalile.
L