‘Angisenayo ingcindezi yezembe’
UVUMA ukwehla kwengcindezi yokubalekela izembe umqeqeshi weRoyal Eagles, uRoger Sikhakhane, egijima kwiNational First Division (NFD).
Ngempelasonto i-Eagles ibuye namaphuzu amqoka eKapa ithela othulini Ubuntu Cape Town ngo 1-0 emdlalweni weligi. Amaphuzu amathathu abeke i-Eagles endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-32 emidlalweni ewu-28.
Njengamanje i-Eagles isihlukaniswe ngamaphuzu amane neRichards Bay FC eyibambe endaweni yesibili uma usuka ekugcineni kwi-log.
USikhakhane, ofike eqenjini izinto zibhimba, uthe abakaphumi otakwini. “Kodwa asisenayo ingcindezi. Amaphuzu esiwathole eKapa amqoka kakhulu ngoba Ubuntu bekumele sizibambele bona mathupha. Kodwa ngeke ngithi sesisukile ezembeni. Kusamele sisebenze kule midlalo esele kodwa ingcindezi ayisekho kakhulu kithina.”
NgeSonto ngo-3 ntambama i-Eagles izodudulana neCape Town All Stars emdlalweni weligi eParow Park.
“Sibheke amaphuzu amathathu kuyona yomibili imidlalo esele. Ngeke ngithi sizoyela iphuzu eKapa. Sifuna amaphuzu amathathu,” kusho uSikhakhane.
USikhakhane, odle umhlanganiso neThanda Royal Zulu ngesizini edlule, ufike wenza i-Eagles yaphenduka iqembu elehlukile. “Vele uma ungumqeqeshi ufika eqenjini elisha kumele ubonakale umehluko. Ngeneme ngendlela abadlali abasheshe babamba ngayo indlela engifuna senze ngayo izinto. Sizoqhubeka nokusebenza kuze kuphele isizini.”
IRichards Bay FC yiqembu laKwa-Zulu-Natal elilengela ezembeni. Inamaphuzu awu-28 emidlalweni ewu-28. Ihlukaniswe yiphuzu noBuntu Cape Town. NgeSonto ngo-3 ntambama izotholana noBuntu eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, emdlalweni omqoka. UThongathi luyibambe endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-31.