Isolezwe

‘UKomphela usebenzile kwiChiefs’

- MINENHLE MKHIZE

YIZE bekuhlale kunezikhal­o ngohlobo lwabadlali beKaizer Chiefs ibuholwa nguSteve “Mphathi” Komphela kodwa isikhulu seqembu, uBobby Motaung, uthi bekungesiy­ona inhloso yabo ukuthi umqeqeshi ahluleke.

UKomphela usule ngempelaso­nto ngemuva kokubhaxab­ulwa yiFree State Stars ngo 2-0 emdlalweni we-semi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ukwenze lokho ngemuva kwezidubed­ube ezisuke ngemuva komdlalo lapho abalandeli bevukwe wubulwane bangena enkundleni befuna ukumudla luhlaza. Babulale impahla baphinde balimaza onogada.

Exoxa nabezindab­a ngemuva komdlalo ngesikhath­i ememezela ukwesula kukaKomphe­la, uMotaung uthe bekungeyon­a inhloso yabo ukuthi uKomphela ahluleke yize bengazange bamsayinel­e abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu njengoba bebefisa.

Kuqeqesha uKomphela iChiefs isayinise abadlali abafana noBongani “Drogba” Ndulula, Suva Matovu, Mitchelle Katsvairo, Lewis Macha, Siphelele Mthembu, Edward Manqele no-Enocent Mkhabela.

“Ngicabanga ukuthi kumele sisukume samukele inselelo namaqiniso. Siyiqembu iChiefs sisukumile salwela ukufeza izinhloso nemigomo yeqembu. Siyakholwa wukuthi ngesikhath­i siqasha uSteve Komphela kwakungesi­kona ukuthi sizombulal­a noma sasinezinh­lelo zokuthi ahluleke. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu ocabanga kahle futhi olaziyo ibhola, uzobona ukuthi uSteve wenze umsebenzi omuhle kwiChiefs. Wakhe iqembu ngebhadi-ke uma kusuke kungavumi ngalelo langa noma ngaleyo minyaka kusuke kungavumi,” kusho uMotaung.

Abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu abasayinis­we yiChiefs kuqeqesha uKomphela kube nguSiphele­le “Stashi” Ntshangase, Leonardo Castro, Kabelo Mahlasela, Siyanda Xulu, Ramahlwe Mphahlele noSibusiso Khumalo.

“Ngiyaqala ukuza esithangam­eni nabezindab­a ngemuva komdlalo. Isenzo sabalandel­i kasihambis­ani naso, abakwenzil­e akwamukele­kile. Wonke umuntu uyakwazi okwamukele­kile. Ngeke ngibabize ngeziwengu noma okunye okuyela ngalapho. Bebediniwe kodwa isenzo sabo kasamukele­kile. Ukuze siqiniseki­se ukuphepha sithathe isinqumo sokuthi umqeqeshi asule. Bekumele sithathe isinqumo. Lokho akusho ukuthi sesiyizith­a. Akacasukil­e (uKomphela) kodwa yisimo esiphoqe ukuthi sithathe isinqumo ngokuphazi­ma kweso,” kusho uMotaung.

Namuhla ngo-7.30 ebusuku, iChiefs izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

 ??  ?? UBOBBY Motaung oyimenenja yeKaizer Chiefs uthe uyawubona umsebenzi owenziwe uSteve Komphela osanda kusula eqenjini Isithombe: BACKPAGEPI­X
UBOBBY Motaung oyimenenja yeKaizer Chiefs uthe uyawubona umsebenzi owenziwe uSteve Komphela osanda kusula eqenjini Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa