Isolezwe

UKhoza uphonsele amaqembu inselelo

- ZAKHELE XABA

USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, uphonsele amaqembu inselelo yokuthi abhukule ukwenza izinkundla izindawo eziphephil­e kubalandel­i.

UKhoza ubekhuluma esithangam­ini nabezindab­a emahhovisi ePSL, eGauteng, izolo, emva kwesigigab­a esenzeke eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto. Kulimale abalandeli abangaphez­u kuka-10 kwacekelwa nenkundla ngesikhath­i abanye betheleka enkundleni emuva komdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs neFree State Stars. Amakhosi aguqe ngo 2-0.

UKhoza uqale ngokuxolis­a kubona bonke abalimele, abaxhasi nabamathel­evishini abalinyale­lwe yimpahla yabo kule sigameko.

“Umthetho uyasho ukuthi emidlalwen­i ekuleli qophelo kufanele kwandiswe isibalo samaphoyis­a ngoba aqeqeshiwe ukubhekana nodlame nezinxushu­nxushu. Umkhuzi wamaphoyis­a uyena okufanele akhiphe umuntu onesikhund­la esiphezulu ukuze abe khona emihlangan­weni yokuhlela umdlalo. Okuvelile wukuthi ngaphambi komdlalo wangoMgqib­elo, owayethuny­iwe wayengekho emhlanganw­eni wokuqala wokuhlela kodwa ufike kulowo wokwenza obekuhleli­we. Uyenza kanjani into eyahlelwa ungekho? Angisho ukuthi ngigxeka amaphoyisa. Lezi yizinkinga esibhekana nazo kodwa okuhle wukuthi sinoNgqong­qoshe ovulelekil­e, besivele sikhuluma naye ngalezi zinto,” kusho uKhoza.

“Isehlakalo sangoMgqib­elo besihleliw­e. Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kade besho ukuthi “Nina eGoli anenzanga lutho, thina eThekwini sizolungis­a”. Amaqembu kufanele athole abantu abanolwazi abazobheke­la ezokupheph­a nezingozi hhayi ukuthi kuthathwe umuntu ngoba ubekade eyiphoyisa. Umehluko mkhulu kakhulu. Lokhu kubaluleki­le ngoba amaphoyisa asuke engekho emidlalwen­i ethathwa njengeminc­ane. Nalapho izinto ezifana nalezi zingenzeka. Sizoba nenkundla yokucobele­lana namaqembu ngoMeyi 16 kuya ku-20, ngoJuni nangoJulay­i.”

Kwenzeka lokhu nje, iChiefs ngesonto eledlule ihlawulisw­e isizumbulu sika-R250 000, yalengisel­wa u-R200 000 ngesenzo esifanayo ngemuva komdlalo wayo we-Absa Premiershi­p neChippa United eFNB Stadium emasontwen­i edlule.

UKhoza uthe sekuyisikh­athi sokuthi abantu bajeze ngezenzo zobudlova ezinkundle­ni zakuleli.

“Ngiyakuqon­da ukuthi akubona bonke abalandeli abenza lezi zinto, iningi lisuke lizozijabu­lela. Senza konke okusemandl­eni ukufinyele­la emnyombeni wokwenzeki­le. Izinhlaka ezahlukene zisahambis­a imibiko. Abantu kufanele bajeze ngezenzo zabo. Umthetho ukhona, kungani bengaboshw­a? Ngiyazi ukuthi abantu bafaka imizwa yabo ebholeni futhi bafuna ukuthi amaqembu abo awine izindebe. Kodwa nawo amaqembu enza konke ukuze abalandeli bawo bajabule,” kusho uKhoza.

Uveze ukuthi enye inkampani enkulu engabaxhas­i bePSL ithe izozithwal­a izindleko zokwelapha abalimele, wakuqinise­kisa ukuthi akekho oshonile.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIHLALO wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin Khoza ekhuluma nabezindab­a emahhovisi ePSL eGoli izolo emini
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIHLALO wePremier Soccer League (PSL) u-Irvin Khoza ekhuluma nabezindab­a emahhovisi ePSL eGoli izolo emini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa