Baphokophelele impumelelo Ogwini
UKUHLONIPHEKA nokwenza kahle ngemiphumela ka-matric kwesikole Ogwini Comprehensive Technical High, eMlaza, yikhona okuheha abafundi njengoba bengu-3 314 abafundi kulesi sikole.
Lesi sikole ngeledlule besigubha iminyaka engu-50 sasungulwa, sihlonishwa kuwona wonke amazinga ezemfundo, ukuphathwa kwaso nokugqugquzela amabhizinisi.
Kumanje lesi sikole sinabafundi baka-matric abangu-555. Ngonyaka odlule u-matric wakhona uphase ngo-87%.
UKwanele Mthembu (13) ofunda uGrade 8, uthe akaze ananaze ngokuthi uzofunda kusiphi isikole uma esenza amabanga aphezulu.
“Lesi sikole sihloniphekile futhi kuphaswa kahle nokwenza nami ngafisa ukuzofunda kuso. Kuzo zonke izikole ezikhona eMlaza ngabona lesi singifanele njengoba nginephupho lokuba ngudokotela wenhliziyo,” kusho uKwanele.
Umngani wakhe naye ofunda uGrade 8, u-Akhona Cele (13) uthe kwakuhlezi kuyiphupho lakhe ukufaka umfaniswano walesi sikole okuyisiketi esi-lime neshethi eliphuzi.
“Lesi sikole sinamava amaningi, kunezifundo eziningi ezahlukene. Baningi abantu asebephumelele njengoba nami kade ngahalela ukuzofunda lapha ukuze ngiphumelele ngelinye ilanga,” kusho u-Akhona ofisa ukuba usokhemisi.
Laba bafundi yize bengabesifazane kodwa badlala i-rugby.
Kulesi sikole kunezemidlalo eze ehlukene ezingu-18.
Uthishanhloko uDkt Vusumuzi Simon Dlamini, uthe bathi bekhipha unyawo ezifundweni kodwa nezemidlalo babe bengazishiyi ngaphandle.
“Wonke umfundi uphuma ku-matric nezifundo eziyisishiyagalolunye. Lokhu kunikeza abafundi amathuba okungena emikhakheni ehlukahlukene uma sebefundela umsebenzi. Umfundi wethu akaphumi esenolwazi kuphela kodwa usuke enekhono. Sinamakhishi okupheka, izindawo zokushisela ezinemishini kagesi neminye,” kusho uDlamini.
Phakathi kwezifundo ezikhona kulesi sikole ezekhompyutha, Consumer Studies, Electrical, Mechanical, German, IsiZulu, English nezinye.
Ngaphandle kokufundisa abafundi nje kunanohlelo lwefinishing school kulabo bafundi abadala nabancane abasuke befuna ukuphasa u-matric. Laba bangena sekuphume isikole. Othisha bakulesi sikole nabezinye bafaka isandla kulolu hlelo.
Kwezemidlalo, othisha yibona abaqeqesha abafundi.
“Kukhona ibhola lezinyawo, i-hockey, i-chess, i-rugby neminye imidlalo. Abafundi baziqeqesha uma kuphuma isikole. Othisha bayazinikela kakhulu kwezemidlalo. Sesishoda ngeswimming pool,” kusho uDlamini ehleka.
UDlamini oneziqu zeMBA (Masters in Business Studies), uthe imfundo uyayigqugquzela nakothisha bakulesi sikole.
“Ukuba neziqu zebhizinisi kuyangisiza kakhulu njengoba ngiwuthishanhloko kulesi sikole. Isikole ngisiphatha kube sengathi siyibhizinisi.
“Sinothisha abaningi asebelandele ezinyathelweni zami bafunda. Kumanje bakhona nabenza izifundo zebhizinisi. Abane baneMasters ezifundweni zemfundo, baningi abanamaHonours, nenqwaba enamaDegrees. Imfundo ihamba phambili kulesi sikole,” kusho uDlamini.
Othisha balesi sikole bangu122, abangu-114 baqashwe nguMnyango wezeMfundo, abayisishiyagalombili bakhokhelwa yisigungu esilawula isikole.
UDlamini wafika ezofundisa iMaths neSayensi kulesi sikole ngo-1987 ephuma ekolishi lokufundela ubuthishela. Kulowo nyaka kwakuqala ukuba nekilasi likaGrade 12.
Kulowo nyaka abafundi beMaths neScience baphasa ngo100%.
Ngo-1994 waba yinhloko yezifundo zeMaths neSayensi. Ngo1998 wathola isikhundla sokuba nguthishanhloko.
“Isiqubulo sakulesi sikole sithi: Deeds not words. Sibalulekile kakhulu ngoba sifuna ukubonakala ngemisebenzi esiyenzayo, hhayi ngokukhuluma.”
Ehhovisi lalo thishanhloko kunemiklomelo eminingi okubalwa ayinikezwe ngabadayisi ngonyaka odlule, bencoma igalelo lakhe lokubathuthukisa.
“Abadayisi sabafaka ngaphakathi esikoleni, sabakhela izindawo zokudayisela ukuze bakwazi ukuzithuthukisa. Ngazizwa ngithobeke kakhulu bengipha indondo yokungibonga ngokubathuthukisa,” kusho uDlamini.
Ehhovisi lakhe kukhona nombhalo ka- Albert Einstein, athi yiwona obusa impilo yakhe.
Baningi abafundi lesi sikole esesabakhiqiza. Omunye obekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engu-50, uMnuz Ntobeko Nzuza ungunjiniyela ophila nokukhubazeka. Wadutshulwa esekhaya esengumfundi.
UDlamini uthe bamlanda ekhaya waqhubeka nokufunda njengoba eseze wagcina esephumelele empilweni.
Abanye abakhiqizwe yilesi sikole uNksz Sindi Mabaso ongomunye owaba sohlwini lwabacwaningi mabhuku besifazane abamnyama bokuqala kuleli.
UDlamini uthe yize lesi sikole sisuka kude njengoba saqala kufundiswa amabanga aphansi kuphela usenephupho ngaso.
“Engifisa ukukubona ngalesi sikole ukuba kugcine kufunda izinhlanga ezehlukene.
“Kuyiphupho lami ukuba kusuke umfundi wolunye uhlanga esilungwini azofunda lapha ngenxa yezinga eliphezulu lemfundo.
“Kungabi ukuthi izingane zethu kuphela ezisuka emalokishini ziye esilungwini ziyofunda khona. Kungakuhle ngibone ikhaladi, umlungu, iNdiya, bonke befunda ndawonye njengomyalelo kahulumeni othi siyalingana nemfundo yethu kumele ilingane emazingeni wonke,” kusho uDlamini.
UMnuz GV Sangweni owayenguthishanhloko wasoHlange nongumakhelwane kulesi sikole, obekhuluma emcimbini weminyaka engu-50 kwasungulwa Ogwini, usincomile lesi sikole wathi abafundi banenhlanhla.
“Singumphakathi siyaziqhenya ngalesi sikole nesesikuzuzile. Ikakhulukazi siziqhenya ngendlela abathuthukisa ngayo abafundi. Kusetshenzwa kanzima, baziphatha ngendlela futhi bahlezi bephokophelele impumelelo.
“Sifisa ukubanika isiqiniseko ukuthi singomakhelwane sizohlezi sikhona ukulekelela othisha nothishanhloko,” kusho uSangweni.