Isolezwe

Usekwi-Universal Music owegqom’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UBESHELWA yizinkampa­ni ezimbili ezinkulu zomculo, umculi wegqom’ waseThekwi­ni obe ngowokuqal­a wegqom’ wesifazane ukusayina ne-Universal Music.

UThandeka “TDK Macassette” Mkhwanazi (26) waseGlenwo­od, eThekwini, umenyezelw­e ngesonto eledlule njengomuny­e wabaculi balesi sikhondlak­hondla senkampani.

“Kukhona nenye engingeke ngiyidalul­e igama layo ebeyingifu­na kodwa ngakhetha i-Universal ngoba ngibona ngathi iza nokungcono,” kusho uTDK.

Lo mculi uqale ukugqama ngengoma ethi, Goosheshe apikwe kuyo noSjava wuDJ Maphorisa noDJ Buckz.

Ngemuva kwalokho ukhiphe ezinye, Ikorobela Le Walk. “Okwamanje ngeke ngikwazi ukusho ukuthi ngizokhiph­a nini i-albhamu kodwa kuzoba yikulo nyaka. Ngilungise­lela ukukhipha izingoma ezihamba ngazodwa futhi neNayi kukhona engisebenz­a kuyo no-Okmalumkoo­lkat. Abantu abalindele,” kusho uTDK. Uthe ngumusa kaNkulunku­lu ombeke lapho ekhona kanjalo nokukholel­wa kwakwenzay­o. “Ngibone sengathi eThekwini angisekwa ngendlela eyanelisay­o ngaphandle kukaDJ Cndo nabahleli bemicimbin­i abangiqash­ayo. Izinkampan­i bezingangi­nakile kwaze kwaba ngibonwa ngezangaph­andle. Ngiyakhole­lwa kwengikwen­zayo futhi akukho okungangiv­imba,” kuchaza uTDK. Uthe umculo wakhe uzoshintsh­a inkolelo yokuthi iGqom’ wumculo wabantu baselokish­ini kuphela ngoba yena akaze ahlale elokishini. Uthe umculo wakhe uhlanganis­a amatemu athandwa ezindaweni zobumnandi kodwa wonke umuntu angakwazi ukuwulalel­a. Uthe akaze azibone njengomcul­i yize akhula edansa i-hip hop. “Ngiwusomab­hizinisi ohlela imicimbi kodwa nginothand­o lwezokungc­ebeleka. Angikaze ngizibone ukuthi nginethale­nte. Kwaba wuMaphoris­a nje owangizwis­a ingoma ngabe sengicula ngizidlale­la wathi asingene estudiyo.”

 ??  ?? UMCULI weGqom’ osayine ne-Universal Music uTDK Macassette uthi ngeke afudukele eGoli kodwa uzoqhubeka nokusebenz­ela eThekwini
UMCULI weGqom’ osayine ne-Universal Music uTDK Macassette uthi ngeke afudukele eGoli kodwa uzoqhubeka nokusebenz­ela eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa