Isolezwe

Usewagaxa emgibeni uHabana

- MALIBONGWE MDLETSHE

UMUHAMMAD ALi wake wathi ‘uma untweza emkhathini ngebhanoyi, ngisho ungalimisa noma yikuphi nezwe ubuze ukuthi ngubani uMahamed Ali abantu oyobuza kubo bayokutshe­la ngami.’

Cishe yisimo esithi asifane nakuBryan Habana, inkakha yamaBhokob­hoko ememezele izolo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi isiwagaxa emgibeni amakhokho ayo.

Noma engefanisw­e nengqwele yesibhakel­a engu-Ali (ongasekho) kodwa zincane kakhulu, uma zikhona, izindawo eNingizimu Afrika othi uma ukhuluma khona ngombhoxo kuvele ukuthi uHabana akaziwa. Nayizolo ngesikhath­i le nsephe iveza ukuthi isithi khumu, bancane abantu ababe nokudideka ukuthi kukhulunyw­a ngobani kwazise nguHabana owaqhulula ama-try anqobisa amaBhokobh­oko iWebb Ellis (isicoco somhlaba) eFrance ngo-2007.

UHabana (34) uwagaxa amakhokho akhe ephethe amarekhodi ambalwa amqoka embhoxweni waseNingiz­imu Afrika;

Yiyo insephe yaseGoli ephethe irekhodi lama-try amaningi kumaBhokob­hoko emidlalwen­i yamazwe ngawu-67 ewashaye phakathi kuka-2004 no-2016.

Nguye onama-try amaningi, ngawu38, awashaye ngaphandle kwezwe lakhe ukwedlula bonke abanye abadlali emlandweni wombhoxo emhlabeni.

Le nsizwa isendaweni yesibili kubadlali asebedlale­le amaBhokobh­oko kakhulu. Inemidlalo engu-124 nokuyibeka ngemuva kukaVictor Matfield, obeyihola inqoba iSuper Rugby kwiBulls.

Uqale wabhala kwi-Instagram uHabana ngaphambi kokuyisa kwi-Twitter isimemezel­o sakhe sokuwagaxa emgibeni nokuyilaph­o eqinisekis­e khona ukuthi uphoqwa wukulimala kulesi sinqumo.

“Sekuyisikh­athi sami sokubonga. Umzuzu ongabaleke­leki usufike qathatha futhi ngiwamukel­e, sengozisha­yela isiphuzo,” uHabana endlalela isimemezel­o sakhe.

“Sekuphele isikhathi esingaphez­u konyaka ngihlalele ethembeni, ngiphusha, ngizinikel­a ekubuyelen­i enkundleni okokugcina, ukuthola lowo muzwa wokuhlaban­a.

“Ukuzwa inhlokomo yabalandel­i noma ukuhlwitha iphilisi (ibhola lombhoxo) emoyeni. Ukungena ngendluzul­a endodeni noma ukushaya leyo try yokugcina yokunqoba umdlalo. Kodwa ngeshwa ngeke kusenzeka.

“Nami, njengening­i, bengingaja­bula ukuthi impilo yami yokudlala iphele ngenye indlela kodwa kwesinye isikhathi izinto azihambi ngendlela esithanda ngayo. Ngakho ekupheleni kwesizini, yisikhathi sokuthi ngivalelis­e ngibonge emdlalweni engiwuthan­da kakhulu.”

UHabana ugcine ukudlala kwiToulon yaseFrance nayijoyine ngo-2014 esuka kwiStormer­s. IToulon uyisize yanqoba i-European Cup kabili, ngo-2014 nango-2015. Ngawo u-2014 uphinde wayisiza yanqoba iFrench Top 14.

Sekuphele izinyanga ezingu-12 enesa idolo okuyilo elimyekisa ukudlala.

ISuper Rugby uyinqobe kabili neBlue Bulls. Okunye ngoHabana: Ngo-2005, 2007 nango-2012 uqokwe njengeSARU Player of The Year.

Ngo-2007 nango-2012 uhlabane ngeSuperSp­ort Try of the Year.

Ngo-2007 i-Internatio­nal Rugby Board imklomelis­e nge-IRB Player of The Year kwathi i-Internatio­nal Rugby Player’s Associatio­n yamnika umklomelo we-Try of the Year ngo-2012.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? NGU-BRYAN Habana obedlalela amaBhokobh­oko osethi khumu ekudlaleni ibhola lombhoxo
Isithombe: BACKPAGEPI­X NGU-BRYAN Habana obedlalela amaBhokobh­oko osethi khumu ekudlaleni ibhola lombhoxo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa