I-Downs ethubeni lokuqeda ngeligi
I-MARITZBURG United isiyishaye kabili iMamelodi Sundowns kule sizini emiqhudelwaneni emqoka.
Iyikhiphe kuma-quarterfinal eMTN 8 ekuqaleni kwesizini iyihlula ngo 1-0. Ngempelasonto leli qembu laseMphithi liphinde lama endleleni yamaBrazilians liwakhipha kowandulela owamanqamu weNedbank Cup lidlula ngo 3-1 ekhaya.
Ebusuku la maqembu azophinde ahlangane komunye umdlalo omqoka we-Absa Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngo7.30 ebusuku.
Amaphuzu amathathu abaluleke njengemali kwi-United nakwiSundowns elwela ukunqoba isicoco sayo sesishiyagalombili seligi kwiPremier Soccer League (PSL).
Umbuzo okhona owokuthi ngabe iqembu likaFadlu Davids lizokwazi ukuphinde liphazamise umgqigqo weSundowns?
Ukuhlulwa kwayo ngempelasonto kuqede isigqi semidlalo engu-15 lingahlulwa iqembu eliphekwa uPitso Mosimane. Ukuba yisithiyo kweTeam of Choice bekungaqali kule sizini njengoba nangesizini edlule ezikaDavids zaqeda ngamathuba eSundowns okudla isicoco seligi, zibuya nephuzu bedlala ngokulingana kuba ngu 2-2 ekuhambeni emdlalweni owandulela umzuliswano wokugcina weligi.
Ngaleso sikhathi iSundowns yayiwadinga amaphuzu agcwele ukuze iphazamise iBidvest Wits eyagcina ihambe nesicoco. Kulokhu la maqembu ahlangana sekusele imidlalo emithathu kusongwe iligi. Ukuthola amaphuzu amathathu kwe-United kuzoqinisa indawo yayo yesithathu kwilog. ISundowns idinga ukunqoba namuhla, okungasho ukuhamba nesicoco uma i-Orlando Pirates izohlulwa wukushaya iBidvest Wits emdlalweni oseGoli namuhla.
ISundowns inamaphuzu angu-55, ishiya iPirates esendaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha. Uma iqoqa amaphuzu agcwele kwi-United izoba namaphuzu angu58. I-Pirates ingafinyelela emaphuzwini angu-58 uma inqoba yonke imidlalo emithathu esele.
Uma la maqembu egcina elingana ngamaphuzu asengahlukaniswa amagoli iSundowns njengamanje enesibalo esikhulu.
Uma kungenzeka iSundowns iqede ngesicoco seligi namuhla kubukeka isazobe idinga ukulwela ukuwaqoqa amaphuzu emidlalweni ezayo ukuze kungabi khona okuyiphazamisayo.
Ukungacaci kwesinqumo ngomdlali we-Ajax Cape Town, uTendai Ndoro, kungenzeka kugcine kunomthelela kwabazodla isicoco nasemaqenjini azodliwa yizembe.
UNdoro kuthiwa kwakungafanele adlale njengoba esayine namaqembu amathathu ngesizini eyodwa. Wadlala i-Ajax ihlula iPirates ngo 3-0. AmaBhakabhaka asifaka isikhalo ngaphambi komdlalo.
Uma kungenzeka uNdoro ne-Ajax balahlwe yicala sekungasho ukuthi iyagingqelwa lowo mdlalo uma iBucs iliqhuba icala. Yingakho iSundowns idinga ukuthi iqoqe amaphuzu kuyo yonke imidlalo esele ukuze kungabi khona okuyiphazamisayo.