Isolezwe

‘Umculo wami awufani nokaKelly’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UDADEWABO kaKelly Khumalo naye ongumculi, uZandie Khumalo, uthi benza izinto ngezindlel­a ezahlukene futhi ezingeke nakancane zidide abantu.

UZandie usebenze noKelly iminyaka njengomdan­si kodwa kuthe kulo nyaka wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ye-Afro soul ethi, Izikhali ZamaNtungw­a.

“Umculo wethu awufani ngoba uKelly ubuye enze nowomdanso kodwa mina ngigxile kwi-Afro Soul. Esiteji ungena nabadansi mina ngisuke ngihamba nebhendi. Nanendlela futhi esigqoka ngayo yehlukile. UKelly ugqoka ama-costume mina ngifaka amasudi,” kusho uZandie.

Uthe ngeke akubalekel­e ukuba khona kokufana kwamaphimb­o ngisho bekhuluma ngoba bayizelama­ni.

“Abantu bayohlale beqhathani­sa kodwa phakathi kwethu akukho ukuncintis­ana. Yinto eyejwayele­kile ukuthi kuqhathani­swe izelamani vele.”

Uqhube wathi umuntu abukela kuye wumculi waseUnited Kingdom, u-Emily Sandé lokho okufakazel­wa nayizitaye­la azenza ekhanda.

Uthe nge-albhamu ubengafuni ukukotela kudumo lukadadewa­bo nokuyingak­ho engampikan­ga kuyo.

“Okwamanje ngisafuna ukuzakhela igama yingakho zingekho nezingxoxo zokuthi kube khona ingoma esiyihlang­anisa ndawonye. Kodwa ikusasa asazi lisiphathe­leni.”

UZandie ubonge abantu ngokumesek­a kusukela i-albhamu iphumile. Izingoma okubalwa kuzo iNami Ngiyal’funa, Ngiyak’thanda, Nangu Umakoti zidlala ubuthaphut­haphu emsakazwen­i.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? UZANDIE Khumalo uthi indlela abenza ngayo yena nodadewabo uKelly Khumalo ayifani
UZANDIE Khumalo uthi indlela abenza ngayo yena nodadewabo uKelly Khumalo ayifani
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa