‘Umculo wami awufani nokaKelly’
UDADEWABO kaKelly Khumalo naye ongumculi, uZandie Khumalo, uthi benza izinto ngezindlela ezahlukene futhi ezingeke nakancane zidide abantu.
UZandie usebenze noKelly iminyaka njengomdansi kodwa kuthe kulo nyaka wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ye-Afro soul ethi, Izikhali ZamaNtungwa.
“Umculo wethu awufani ngoba uKelly ubuye enze nowomdanso kodwa mina ngigxile kwi-Afro Soul. Esiteji ungena nabadansi mina ngisuke ngihamba nebhendi. Nanendlela futhi esigqoka ngayo yehlukile. UKelly ugqoka ama-costume mina ngifaka amasudi,” kusho uZandie.
Uthe ngeke akubalekele ukuba khona kokufana kwamaphimbo ngisho bekhuluma ngoba bayizelamani.
“Abantu bayohlale beqhathanisa kodwa phakathi kwethu akukho ukuncintisana. Yinto eyejwayelekile ukuthi kuqhathaniswe izelamani vele.”
Uqhube wathi umuntu abukela kuye wumculi waseUnited Kingdom, u-Emily Sandé lokho okufakazelwa nayizitayela azenza ekhanda.
Uthe nge-albhamu ubengafuni ukukotela kudumo lukadadewabo nokuyingakho engampikanga kuyo.
“Okwamanje ngisafuna ukuzakhela igama yingakho zingekho nezingxoxo zokuthi kube khona ingoma esiyihlanganisa ndawonye. Kodwa ikusasa asazi lisiphatheleni.”
UZandie ubonge abantu ngokumeseka kusukela i-albhamu iphumile. Izingoma okubalwa kuzo iNami Ngiyal’funa, Ngiyak’thanda, Nangu Umakoti zidlala ubuthaphuthaphu emsakazweni.