Isolezwe

Mina ngilawulwa umthetho wezwe: Mogoeng

- BONISWA MOHALE

“NGILAWULWA wuMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika ukuvikela abantu kwabaphula umthetho.”

Isho kanje inhloko yamaJaji, uChief Justice Mogoeng Mogoeng, ibuzwa ukuthi yayingesab­i yini ukumemezel­a ukuthi owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uphule uMthethosi­sekelo.

UMogoeng utshele osomabhizi­nisi nezifundis­wa emcimbini obuhlelwe yi-Absa neNyuvesi yaKwaZulu-Natal obuseCount­ry Club ngoLwesibi­li ukuthi akazwani nabaphula umthetho angamane afe kunokuthi ababukele bacanase.

“Ngiyamhlon­ipha kakhulu obengumeng­ameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma. Angizange ngimemezel­e ukuthi uphule uMthethosi­sekelo ngoba ngimzonda noma ngifuna ukulandelw­a ngabezinda­ba. Ngamemezel­a lokhu ngoba ngithembek­e kuMthethos­isekelo. Angizondi muntu futhi noMengamel­i Cyril Ramaphosa ngimtsheli­le ukuthi ngeke ngimvune uma umthetho umlahla,” kusho uMogoeng.

Uthe akanayo inzondo kodwa unomoya wobumbano ngoba ufuna abantu baseNingiz­imu Afrika babumbane ukuze baxazulule izinkinga zomhlaba, ezokukhish­wa kwabathile inyumbazan­e kwezomnoth­o nesihlava sokucwasan­a.

Uphinde wakhala ngokuthand­ana kwezingane nabadala wathi lo mkhuba uyingozi.

“Izingane ezino-21 zithandana nabantu abaneminya­ka ewu-60. Kufanele siwukhuze lo mhlola wo-sugar mama no-sugar daddy. Uma singawukhu­zi kusho ukuthi iNingizimu Afrika ayinalo ikusasa,” kusho uMogoeng.

Udonse ngendlebe izintathel­i ukuthi zibike ngenkohlak­alo eyenzeka emabhizini­sini zingagxili enkohlakal­weni eyenzeka kuhulumeni kuphela.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa