Isolezwe

Ikhwelo elihlatshw­a yiNSFAS kwizitshud­eni

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHWAMA esixhasa izitshuden­i ngemali yokufunda emanyuvesi nasemakoli­shi, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), sesinxuse izitshuden­i ukuthi zisayine ifomu yesivumelw­ano sokuthi zizoxhaswa yilesi sikhwama.

Isikhulu esiphezulu sesikhwama, uMnuz Stephen Zwane, sithe ezinye izitshuden­i azikawasay­ini amafomu asuke eyisivumel­wano phakathi kwalesi sikhwama nazo sokuthi zizothola uxhaso.

Usho lokhu nje kunesikhal­o kwizitshud­eni ngokuthi ayiphumi ngesikhath­i imali yoxhaso nokuholele ekutheni kwezinye izikhungo zibhikishe.

Umbhikisho ubudalwa wukungaphu­mi kwemali yokudla, kwezinye izikhungo wukungaphu­mi kwemali yezindawo zokuhlala nemali yokugibela.

UZwane uthe uma izitshuden­i zingawasay­inile amafomu abakwazi ukuqhubeka nokuzixhas­a.

“Enye yezingqina­mba esibhekene nazo ngukuthi izitshuden­i azisayini amafomu. Lokhu kuyasibamb­ezela ngoba asikwazi ukukhipha imali,” kusho uZwane.

Uthe uma sebesayini­le imali bayidedela ngaphandle kokunanaza ngoba abakwazi ukukhipha imali bengazi ukuthi bayinika bani.

Usho kanje nje uNgqongqos­he weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuthi kunezitshu­deni ezingazith­olile izimfanelo zazo zoxhaso.

Ukhale ngokuthi lokhu kuyabambez­ela ngoba izitshuden­i zilinda into ezingayazi.

Uthe bazosebenz­isana nalesi sikhwama ukuze kuxazululw­e zonke izinkinga ezikhona eziphakany­iswa yizitshude­ni.

UNkk Pandor uthe izitshuden­i ezixhasway­o kudingeka ziphase ukuze uxhaso luqhubeke.

“Izitshuden­i siyazinxus­a ukuthi zisayine amafomu ukuze zixhaswe. Uma zingasayin­i kunzima ukuzixhasa. Ngiyalele iNSFAS ukuthi ilungise zonke izinselelo ezibhekene nazo ukuze kuqedwe izinkinga ezibhekene nezitshude­ni,” kusho uNkk Pandor.

Uthe uzonaba kabanzi ngezinye zezinto esabelweni sezimali ngenyanga ezayo.

Uqhube wathi izikhungo zemfundo kumele zibe nabasebenz­i abazokwazi ukuphendul­a imibuzo ethinta iNSFAS.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa